Isithombe: Abafundi baxwayiswe ngobungozi bezifo ezithelelanayo.
NOKULUNGA NXUMALO
IZIBALO zakamuva zikhombisa ukuthi ukukhulelwa kwamantombazane asemancane kanye nokusabalala kwezifo ezithelelanayo kuseyinkinga enkulu eNingizimu Afrika, ikakhulukazi esifundazweni saKwaZulu-Natal. Ngokusho kweStatiatics South Africa, ngo-2024 zibalelwa kwizinkulungwane izinganeezazalwa omama abangaphansi kweminyaka engu-19, kanti ezinye zalezi zimo zibandakanya amantombazane asemancane kakhulu.
Ochwepheshe bezempilo baxwayisa ngokwanda kwezifo ezithelelanayo ezifana ne HIV/AIDS kanye nesifo sofuba, ezithinta kakhulu intsha uma ingenalo ulwazi olwanele ngezindlela zokuzivikela. Ngelesi sizathu, kugqugquzelwe ukuzithiba kanye nokuziphatha ngendlela efanele kubafundi ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wokuqwashisa ngesifo sofuba nokukhulelwa kwamantombazane asemancane obubanjelwe esikoleni samabanga aphezulu iVukile KwaMaphumulo. Lomkhankaso uhlelwe uMasipala weSifunda iLembe ngokusebenzisa uhlelo lwe-OSS, ngokubambisana nehhovisi likaNdunabkulu, uMasipala waKwaMaphumulo, amaKhansela, isigungu esilawula isikole kanye neminye iminyango kahulumeni.
Ngesikhathi somkhankaso, abafundi bathole ulwazi olubalulekile mayelana nokubaluleka kokuziphatha ngendlela evikela impilo yabo nekusasa labo. Amantombazane ikakhulukazi ahlonyiswe ngolwazi ngobungozi bokukhulelwa besafunda, okuvame ukuphazamisa imfundo nokunciphisa amathuba ekusaseni labo. UMnyango Wezempilo unikeze isethulo esigxile ekugwemeni izifo ezithelelanayo, okuhlanganisa izindlela zokuzivikela kuHIV nengculazi, kanye nokubalileka kokuhlolwa nokwelashwa kusenesikhathi kwesifo sofuba.
Izikhulumi zigcizelele ukuthi ulwazi, ukuzithiba nokwenza izinqumo ezifanele kubalulekile ekuvikeleni impilo yabafundi. Phakathi kwezinhlaka neminyango ebambe iqhaza kulomkhankaso kubalwe ihhovisi likaNdunankulu, uMnyango weZempilo esifundazweni, umnyango Wezenhlekelele eSifundeni iLembe, umnyango weEconomic Development, Tourism and Environmental Affairs (EDTEA), izinhlaka ezizimele, umnyango Wezempilo Nezenhlanzeko kuMasipala weSifunda iLembe kanye nehhovisi Lokuthuthukakiswa Kwentsha kuMasipala waKwaMaphumulo. Abaholi bathi imikhankaso efana nalena ibalulekile ekwakheni isizukulwane esinolwazi, esizokwazi ukuvikela impilo yaso, sigweme izifo ezithelelanayo, futhi sigcine amathuba emfundo nekusasa laso livulekile.
