Isithombe: Kugqugquzelwa ukubambisana ekunakekeleni izindawo zomphakathi. Isithombe sithunyelwe.
NOKULUNGA NXUMALO
UMASUPALA waKwaDukuza wethule ngokusemthethweni uhlelo olusha olubizwa nge Adopt-A-Facility Community Stewardship Programme, ukukhankasa ohlose ukuqinisa ukubambiswano phakathi kukaMasipala, izinhlaka zomphakathi kanye nabalingani abazobamba iqhaza ekunakekeleni izindawo zomphakathi.
Lomcimbi ububanjelwe e Willard Beach, lapho abaholi bomphakathi, izinhlaka zezemvelo kanye nabalingani bezinhlelo zikamasipala behlangene khona ukuzobungaza ukwethulwa kwaloluhlelo. Uhlelo luqale ngokwamukela izivakashi nguKhansela wewadi uKhansela Ayabonga Zwane, ogcizelele umgomo wokuthi imiphakathi idlale indima ebonakalayo ekugcineni nasekuvikeleni izinsiza zomphakathi.
IManenja esabambile kuMasipala uMnuz. S. Khanyile, wethule kabanzi ngenhloso yehlelo lwe -Adopt-A-Facility, echaza ukuthi luhlose ukukhuthaza ubambiswano phakathi kukaMasipala nabalingani abazimisele ukuthatha umthwalo wokunakekela izindawo zomphakathi ezifana namabhishi, amapaki kanye izikhungo zikaMasipala.
Kulomcimbi kuphinde kwaba nemiyalezo yokweseka evela enhlanganweni yezemvelo i Wildlife and Environment Society of South Africa (WESSA) kanye nabalingani abazobamba iqhaza kulolu hlelo. UMeya waKwaDukuza, uKhansela S’duduzo Gumede, enkulunyweni yakhe ugcizelele ukubaluleka kokuba imiphakathi ibambe iqhaza ekunakekeleni izindawo zomphakathi ukuze kwakhiwe izindawo
