Isithombe: Baphume ngobuningi beyohlanza indawo yabo eNtshawini. Isithombe sithunyelwe.
NOKULUNGA NXUMALO
USUQALILE umsebenzi wokuhlanza izindawo zomphakathi ngaphansi komkhankaso owazinga ngokuthi “Wenzani Makhelwane”, oholwa uMeya waKwaDukuza, uKhansela S’duduzo Gumede. Lomkhankaso wethulwa ekupheleni kwenyanga endlule ngesikhathi uMeya uGumende ebambe umhlangano nabathintekayo emkhakheni wokulondolozwa kwemvelo ehholo lomphakathi iNevas ekuWadi 14.
Ngolwesihlanu olwedlule, izakhamuzi zaseNtshawini, abaholi bendawo kanye noMasipala bahlangene ukukhuculula udoti nokulwa nenkunga yolahla udoti ngokungemthetho. Amawadi abe yinxenye yalokhukukhuculula kubalwa uWadi 14, 15, 24 kanye no 26. Inhloso yalomkhankaso ukukhuthaza izakhamuzi ukuthi zithathe isibopho sokugcina izindawo zazo zihlanzekile. Ekhuluma nabayingxenye yalomkhankaso, uMeya Gumede ugcizelele ukuthi ukuhlanzeka kwemiphakathi kuhambisana nesithunzi sabahlali.
“Umphakathi ohlanzekile eletha isithunzi. Akekho okufanele aphile ngaphansi kwezimo ezingcolile, yingakho sizosebenzisana nezihlaka ezahlukene ukwenza lombono ube yimpumelelo,” kusho uGumede. Ngaphanzi kwalolu hlelo, uMeya uzokwethula izinsuku ezikhethekile zokuhlanza ezizobizwa ngokuthi iMakhelwane Day, lapho izakhamuzi zizohlangana khona zihlanze izindawo zazo futhi zixoxe ngezixazululo zokulwa nukulahla udoti ngokungemthetho. Umkhankaszo Wenzani Makhelwane uqhutshwa njalo ngoLwesihlanu futhi uhlose ukwakha isiko elisha lokuba izakhamuzi zibambe iqhaza ekugcineni imvelo yazo ihlanzekile. UMasipala uthi lokhu kuyindlela yokwakha umuzwa wokuba umphakathi uthwale umthwalo wounakekekela izindawo zawo kanye nokusebenzisana nohulumeni wasekhaya.
UMasipala waseKwaDukuza uthi lo mkhankaso uyisinyathelo esibalilekile esikhombisa ikusheshisa ukulethwa kwezinsiza, kanye nokwakha ubudlelwano obuqinile phakathi kukahulumeni nezakhamuzi.
