Isithombe: UJessica Nkosi ungomunye wosaziwayo abaziwa ngengqephu Hollywoodbets Durban July. Isithombe sithunyelwe.
Intatheli yeSivubela Intuthuko
Unyaka nonyaka abasiki bengqephu nabathanda bemfashini babheka ngabomvu iHollywoodbets Durban Jult njengoba lo mcimbi usuphenduke inkundla enkulu yokukhombisana ubuciko bemfashini eNingizimu Afrika. Lo mjaho omkhulu wamahhashi awugcini nje ukuba ngowezemidlalo kuphela, kodwa usuphenduke umbukiso omkhulu wemfashini oheha osaziwayo, osomabhizinisi kanye nabasiki bengqephu abasafufuza abafuna ukuzakhela igama.
Nakulonyaka, iHollywoodbets Durban July iphinde yanikeza abasiki bengqephu abasebasha ithuba elikhulu lokuzibonakalisa esiteji esikhulu. Indikimba yalonyaka ethi “Country allure” igxile ekugqugquzeleniubuciko ngokwenza imisiko ngezintaba, amapulazi, izigodi amasimu kanye namahhashi kokunye okuningi bakuhlanganise nemfashini yesimanjemanje. Lokhu kudala ithuba eliyingqayizivele kubasiki bengqephu ukuthi baqhamuke nengqephu ehlukile, ehlanganisa isiko, imvelo kanye nobuciko besimanje.
Le ndikimba yethulwe ngokusemthethweni mhla ziyi-19 kuNdasa 2026 eHollywoodbets Greyville, lapho kugcizelelwe khona ukuthi lo mcimbi uyindawo lapho imfashini, ezokuzijabulisa kanye namjaho wamahhashi kuhlangana khona kube usuku olukhulu lwesizwe.
UMnuz Stephen Marshall weRace Coast uthe, “Indikimba ethi Country Allure iqhakambisa ubuhle bangempela nobunesithunzi obuphakathi kwamasiko alo mdlalo. Iphinde ikhuthaze abasiki bengqephu nabahambeli ukuthi bacabange bajule ngalendikimba ukuze bakwazi ukuyichaza ngendlela efanele.”
UMnuz Devin Heffer weHollywoodbets ugcizelele ukuthi lo mcimbi awugcini ngokuba ngumjaho kuphela kodwa uyinkundla ebalulekile yamathalente amasha emkhakheni wemfashini. Njalo ngonyaka iHollywoodbets Foundation ixhasa abafundi bengqephu ngemali elinganiselwa ku R150 000 abazodla umhlanganiso ngokuqhudelana ngowenza umsiko ohamba phambili. Kanti imali engango R300 000 yona itholwa abasiki bengqephu asebenamabhizinisi abo ebasiza ngezinsizakusebenza emabhiziznisini abo.
Ngonyaka odlule lo mcimbi wamukela izivakashi eziyizi-40 192, okukhombisa ukuthi iHollywoodbets Durban July iyaqhubeka nokukhula njengendawo enkulu yemfashini nezokujabulisa. Kulo nyaka amehlo azobe egxile eHollywoodbets Greyville mhla ka-4 kaNtulikazi 2026, lapho abasiki bengqephu abasebasha bezothola ithuba lokugqama esiteji esikhulu kunazo zonke eNingizimu Afrika.
