Intatheli yeSivubela Intuthuko

INational Funeral Business Awards (NFBA) isimemezele ukubuya kwehlandla lesibili kwemiklomelo ehlose ukuhlonipha nokugqamisa umsebenzi obalulekile nowobubele owenziwa ngabahlinzeki bezinsizakalo zemingcwabo ezweni lonke. Lomkhakha usebenza ngaphansi kwezimo ezinzima zobuhlungu nokulahlekelwa, lapho abasebenzi babangcwabi behamba eduze kwemindeni edabukile, banikeze induduzo, isithunzi nokwesekwa ngezikhathi ezinzima kakhulu.

Abasebenzi bavame ukusebenza ezimeni eziyingozi, bephendula izingcingo ngisho ezinzulwini zobusuku, beqoqa imizimba yabashonile futhi besebenza nabantu abanezifo ezithelelanayo neziyingozi njengeCOVID-19 ne-Ebola, okubeka izimpilo zabo engcupheni. Ngokudabukisayo, lomkhakha usulahlekelwe ngabasebenzi abaningi abashonile besemsebenzini, okuyinto eyenze iNFBA yathatha isinqubo sokwenza lemikhomelo ukuhlonipha amaqhawe namaqhawekazi anikela ngezimpilo zawo esebenzela abantu.

Umcimbi ka-2026 uzohlanganisa ukugubha, ukukhumbula nokuxhumana kwezobungcweti, uzoqala ngoLwesihlanu ngemisebenzi yokuzijabulisa eThekwini, kulandele izinhlelo zokuxhumana nokwakha ubudlelwano. NgoMgqibelo kuzoba nezinhlelo zokuhlangana, igalofu kanye nesidlo sakusihlwa lapho kuzomenyezelwa abadle umhlanganiso banikezwe imiklomelo, kuthi uhlelo luphele ngoSonto ngesidlo sokuhlangana nababambiqhaza eMhlanga.

Ukuqokwa kwabazongenela imiklomelo ka-2026 sekuvuliwe kuze kube umhla ka-1 Ephreli 2026, kanti inqubo izobandakanya ukwahlulelwa, ukuvota komphakathi kanye nokuvota kwabasebenzi bezokungcwaba, ngenhloso yokuqinisekisa ubulungiswa nokubandakanywa kwabo bonke.