Isithombe: Kukhuzwa ukwanda kwezakhiwo zokuhweba ezingekho emthethweni kwaMaphumulo.
Nokulunga Nxumalo
Ngemuva kokubona ukwanda kwezakhiwo zokuhweba ezingekho emthethweni KwaMaphumilo, uMasipala usumemezele izinyathelo eziqinile ezizolandela, okuhlanganisa ukususwa kwezakhiwo ezingagunyaziwe, ukumiswa kwesikhashana kwezimvume zokuhweba, kanye nehlelo olusha lokuhlela abahwebi ngendlela ehlelekile.
Lokhu kuvezwe ngesikhathi kunomhlangano ububanjwelwe ehholo ledolobha ngeledlule, lapho uMnyango wakwa-Economic Development and Planning (EDP) uhlangene khona nabahwebi bezitolo ezincane basedolobheni laKwaMaphumulo, kudingidwa ukwanda kwezakhiwo zokuhweba ezingekho emthethweni.
Oyisikhulu esiphezulu kuMasipala, uMnuz T. Kkhusela, ukhulume ngokucacile kubahwebi, wagcizelela ukuthi ukubekwa kwezakhiwo ezingekho emthethwenikumele kuphele ngokusheha. Uveze ukuthi uMasipala uzongena esigabeni esilandayo, esizobandakanya ukususa labo abangahambisani nemithetho kahulumeni wendawo.
Uqhube wathi uMasipala uzohlinzela ngolwazi kulabo abathintekayo mayelana nezinhlelo zokususwa kwezakhiwo, kanye nezindawo abazothuthelwa kuzo njengoba izinhlelo ziqhubeka. Lokhu kuhloswe ngakho ukuqisekisa ukuthi ukuhwebelana kuyaqhubeka kodwa ngendlela ehlelekile nengaphulo umthetho.
Kulomhlangano kuphinde kwamenyezelwa ukusungulwa kwekomidi elizomela abahwebi, elibizwa ngokuthi iMaphumulo Strategic Traders Committee. Leli komidi kulindeleke ukuthi libe yibhuloho phakathi kukaMsipala nabahwebi, liqinisekise ukuxhumana okuqhubekayo kanye nokuhlelwa kahle kwezindawo zokuhweba.
UMqondiso woMnyango wakwa-EDP, uNkz K. Khuzwayo, uchaze kabanzi ngemithetho elawula ukuhweba emhlabeni kaMasipala, egcizelela ukubalileka kokulandela imithetho uma kubekwa izakhiwo zokuhweba. Uveze ukuthi ukuhleleka kwezindawo zokuhweba kuzothuthukisa umnotho wendawo futhi kunciphise izingxabano phakathi kwabathengisi.
UKhansela weWadi 10, uKhansela ES Maphumilo, naye unxuse abahwebi ukuthi basebenzisane noMasipala ukuze uhlelo luhambe kahle ngaphandle kwezingxabano. Ugcizelele ukuthi ubambisana kuzokwenza kube lula ukuthola izixazululo ezizuzisa wonke umuntu.
Kuphinde kwamenyezelwa ukuthi ukunikezelwa kwezimvume zokuhweba kuzomiswa okwesikhashane kuze kube kuphothulwa uhlelo lokuthuthwa nokuhlelwa kabusha kwabathengisi. Lesi sinyathelo kuhloswe ngaso ukuvimbela ukwanda kwezakhiwo ezingekho emthethweni ngesikhathi uMasipala uqhubeka nokuhlela kabusha izindawo zokuhweba.
UMasipala wakwaMaphumulo ugcizelele ukuzibophezela kwawo ekwakheni indlela yokuhweba ehlelekile, ephephile, futhi ebandakanya wonke umuntu. Izinyatheloezizothathwa kulindeleke ukuthi ziqale maduze, njengoba uMasipala uhlose ukubuyisa ukuhleleka, ukuthuthukisa umnotho wendawo, kanye nokuqinisekisa ukuthi bonke abahwebi basebenza ngaphansi komthetho.
