MAGAYE CELE

KULOKOZA inhlansi yethemba ngobuholi obusha bemboni yamatekisi iSouth African Tax Association (Santaco) obusanda kukhethwa muva nje.

Nakuba lobu buholi bubusha kodwa loyo obenguSihlalo wale nhlangano ngaphambilini, uMnuz Biy Zondi ubuyiselwe ngo-elethu esikhundleni sakhe.

UZondi usemnkantshubovu emkhakheni wezamatekisi kanjalo nakwezamabhizinisi.

Abantu abaningi bakushayele ihlombe elikhulu ukukhethwa kabusha kobuholi obusha ngaphandle kokuthi kube khona izihibe nokugobhoza kwegazi.

Ezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi  bebezwakalisa ilaka labo bethi banethemba lokuthi ubuholi obusha buzoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi kuba nokuthula kule mboni ngaphambilini eyayidume ngokugobhoza kwegazi.

USihlalo uMnuz Zondi uthe bazimisele ngokuthi baqhubeke nokuqinisekisa ukuthi kuba nokuthula kule mboni.

Ugcizelele kakhulu ukuthi ubuholi obusha buzosebenzisana nezinhlaka ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi alubuyi udungunyane lokugobhoza kwegazi kule mboni.

”Okuyikhona okumnqoka kakhulu ukuqinisekisa ukuthi konke kuyaqhubeka nokuthi kuhambe kahle kule mboni. Lokhu ke kuyisibophezelo esikhulu esisenzayo njengoba sikuleli thimba lobuholi bukaSantaco,”usho kanjena.

Ubonge ukusebenzisana okuhle nezinhlaka ezahlukene. Loyo nguMphathiswa wezokuThutha KwaZulu Natal, uMnuz Siboniso Duma ukushayele elikhulu ihlombe leli ukukhethwa kobuholi obusha bale mboni ngokuthula.

Uthe uMnyango wakhe uzimisele ngokuthi kube khona ukusebenzisana okuhle okuba khona phakathi kwalezi zinhlaka zombili.

”Kumele kube khona ukusebenzisana okuhle phakathi koMnyango wezokuThutha kanye nemboni yamatekisi.Sifuna ukuthi lokhu kuqhubeke ukuze kungeke kube khona izinkinga eszingaxazululeka,”usho kanjena.

Uthe bafisa ukubona imboni yamatekisi kukhlunywa udaba lokuthi iyadlndlobala minyaka yonke. 

Konke lokhu uthe kuncike kkahuku ekutheni abayo mbonini bazimisele kangakanani ngokuqinisekisa ukuthi nebala lokhu kuyenzeka.

Le nhlangano kuhlalukile ukuthi ijwayele ukusebenzisana nomphakathi ngezinhlelo ezahlukile esuke ihlose ngazo ukuhuthukisa umphakathi.