MAGAYE CELE
UMASIPALA weTheku oholwa ngukhansela uCyril Xaba usugunyaze ukuba igixatshezwe ngesamba semali eshiswe indawo eheha izivakashi yakuli dolobha iDurban Marine Theme (DMTP) eyaziwa kakhulu ngeleShaka Marine.
Imali okuvela ukuthi umasipala weTheku uzoyigunyaza ukuba isetshenziselwe ukuthuthukisa iShaka Marine ilinganiselwa kuR79 million.
Kuhlaluke ukuthi umasipala weTheku lokhu uzokwenza kahle ngonyakaza wezimali ka2026 no 2026.
Kugunyazwala lokhu nje kuzokhumbuleka phela ukuthi ngaphambilini iMeya yeTheku uXaba wakuchaza njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba zilekelelwe ngezindlela ezahlukene izindawo zakuleli dolobha eziheha izivakashi.
UXaba uveze ukuthi kuseqhulwini kulo masipala ukwenza konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izindawo zezokuvakasha zaseThekwini zibonakala zisemgangathweni.
Lokhu wathi kuyalekelela kakhulu nasekutheni kusimame umnotho waleli dolobha okuyinto athi ukholwa ukuthi imqoka kakhulu.
Ukugunyazwa ukugixatshezwa kwale ndawo ngale mali umasipala weTheku ukholwa ukuthi kuyigxathu elimqoka kakhulu eliqinisekisa ukuthuthukiswa kwezokuvakasha.
Indawo iShaka Marine World iyinkampani kamasipala ebhaliswe ngaphansi kwesigaba u86B seMuninicipal System Acts okuwumthetho 32 wango-2000 futhi ibhaliswe ngokusemthethweni ngaphansi komthetho wezinkampani obizwa ngokuthi yiCampanies Acts okuwumthetho 72 wango-2008 owachitshiyelwa.
Le ndawo yasayina nesivumelwano esimqoka kakhulu sokuba nobudlelwano obumqoka kakhulu bokusebenzisana ne-African Association For Marine Biogical Research ngamafuphi iSAAT.
Le ndawo ibalwa nezinye zezindawo eseziklame indima enkulu kakhulu uma kukhulunywa ngokulethwa komnotho edolobheni laseThekwini.
Ziningi izivakashi ezivela nasemazweni angaphandle eziye ziyihambele.
