Intatheli yesivubela Intuthuko
UMasipala wakwaMaphumulo ubambisene nenhlangano i-Small Enterprise Finance Agency Development Fund (SEFDA) bethule uhlelo lokuxhasa osomabhizinisi abasafufusa, ngenhloso yokukhulisa amabhizinisi amancane endaweni.
Kulolu hlelo, osomabhizinisi abangu-23 basemphakathini bathole uxhaso lwezimali engango-R6 000 umuntu ngamunye, izitifiketi zokuqeqeshwa kanye namavoucher okuthola izinsiza zokusebenza. Lokhu kuqhutshwe ngaphansi kwehhovisi le-Local Economic Development (LED) kaMasipala, ngokubambisana namaKhansela endawo.
UMeya wakwaMaphumulo, uNkk Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini, ubalule ukuthi lolu hlelo luhlose ukunikeza amandla amabhizinisi amancane ukuze akwazi ukukhula, aqhubekisele phambili umnotho wasemakhaya futhi akhe amathuba emisebenzi. “Siphinde siyakhuthaza futhi ukuba nilandelele uma uMasipala eveza amathuba anjengalawa njengoba sikuqhakambisa ukufukulwa kwamabhizinisi amancane, njengoba ewumgogodla womnotho wasemakhaya,” kusho uMeya.
Ngaphezu kokuthola uxhaso, labomabhizinisi baphinde bahlomula ngokuqeqeshwa ngezindlela zokuphatha ibhizinisi, ukusebenzisa kahle izinsiza, kanye nokuqondiswa ngendlela yokufinyelela ezimakethe ezinkulu. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi izibonelelo abazitholayo azigcini ngokubenza baqale, kodwa ziphinde ziqinise ibhizinisi labo ukuze lihlale isikhathi eside.
Uhlelo lwenhlalakahle lwakwaMaphumulo, olubizwa nge-“LED Support Programme,” lwaminyaka yonke lwenzelwe ukuhlonza osomabhizinisi abasafufusa abadinga ukwesekwa. Lokhu kubonakala njengenye yezindlela ezinkulu zokuthi umphakathi usukume, ugweme indlala, futhi uphumelele kwezomnotho.
