Umasipala wesiFunda iLembe uholwa uMeya, Khansela Thobani Shandu uyaqhubeka nokwenza umsebenzi wokufakwa kwamanzi eNdwedwe.
INdwedwe ingezinye zezindawo ezingenawo amanzi empompini kodwa eziwathola ngamaloli amanzi. Ngonyaka owedlule umasipala wesiFunda iLembe wethula umsebenzi wokufakwa kwamanzi eNdwedwe obizwa ngo – UMshwathi Bulk Water Supply Scheme ozodla izigidi zama Randi.
Lomsebenzi uzokuba izikhawu eziningana ngenxa yobukhulu bomsebenzi.
Ezinye zezindawo ezizohlumula inxenye eningi yase Ndwedwe ( Nondabula, Bhamshela Town, Ireland, Hlathikhulu, Gobinsimbi, Echibini, Newspaper, Gqolweni, Kho, Ngcongangconga, Nsuze Dalibho, Gcwensa, Msengeni, Onyazini, Mary Gray, ESidumbini, Kwathayela, Luthuli kanye naseBhidakhona).
Umsebenzi uyaqhubeka izinkontilika zikhona ziyasebenza.
Kunxenxwa umphakathi ukuba ubambisane futhi uyivikele inqalasizinda kamasipala.