INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO 

Bayishayela ihlombe imizamo yoMnyango weZempilo esiFundazweni saKwaZulu-Natali sokuletha umtholampilo ongumahamba nendlwana endaweni yaseZwelisha eduze neVerulam nongenaso isikhungo sezempilo. 

Ngokusho kwabahlali, lomtholampilo ufika kanye ngesonto ngoLwesine nosuwenze omkhulu umehluko emphakathini ikakhulukazi ngoba kunabantu abadala abangasakwazi ukuhamba amabanga amade kanti nabadinga usizo lwansuku zonke bayakwazi ukusizakala. 

Lomtholampilo uqinisekisa ukuthi abahlali bayaluthola usizo lwezempilo beseduze nalapho behlala khona. Lokhu kubaluleke kakhulu kulabo abagulayo, abathatha imishanguzo njalo, kanye nezingane ezidinga usizo lwezempilo. 

“Ukuvakashela kwalomtholampilo kusisiza kakhulu njengomphakathi njengoba abantu abaningi lapha abakwazi ukukhokhela izindleko zokuhamba ukuze baye ezikhungweni zezempilo ngoba kuyagitshelwa,” kusho uNksz. Zethembe Miya, ohlala kule ndawo. Uqhube ngokuthi lomtholampilo uphinde usize kakhulu ekunqandeni izinkinga zezempilo ezincane zingaze zibenkulu njengomkhuhlane kanje. Kanti abaxinekile nabangasizakali kulomtholampilo bathola izincwadi zokubadlulisela ezikhungweni abangasizakala kuzona. 

Leli thuba livulelekile kakhulu emindenini eminingi eseduze njengoba behlanganyela ehholo lomphakathi. Uma beya ezikhungweni eziseduzane kumele bagibele besebenzisa imali esukela ku R24 kuya ku R44 njengoba izikhungo zezempilo sitholakala Ottawa, Phoenix, kanye naseVerulam.

Umnuz. Busani Ngwenya, ongumholi womphakathi, uthe ukuvakashela kwalomtholampilo kuvamise ukuheha abantu abangaphezu kwekhulu ngeviki. “Abantu bayakwazisa kakhulu ukufika kwawo. Kuyasiza kakhulu kulabo abangakwazi ukuya ezikhungweni ezikude, ikakhulukazi abasebekhulile nabangenawo Amandla okugibela,” kusho uNgwenya. Ukuqinisekisile ukuthi akekho ophindela emuva engasizakalanga.