INTATHELI YESIVIUBELA UNTUTHUKO
Sekuthathe iminyaka eyisikhombisa ukuthi kulungiswe izindlu zangasese emijondolo yaseSiyathuthuka, eThekwini emva kokuba zavalwa ngenxa yesimo esingagculisi. Lezindlu zangasese ezinendawo yokugezela, yokuwasha kanye neyokuzikhulula ezaziwa ngokuthi ama communual ablution blocks, zavalwa uMasipala ngonyaka ka-2018
Lemijondolo eseSea Cow Lake, iyikhaya labantu abangaphezu kwenkulungwane kanti ngaphambi kokuthi zilungiswe lezizindlu zangasese bebesebenziza amathoyilethe angomahamba nendlwana. Lawa avalwa nje ngoba kwakukuningi okwakonakele kubalwa ompompi abaphukile, izicabha ezingasebenzi, amanzi ezixhaxhazela nje kanti ke namapayipi ahambisa indle ayehlala egcwala ngokweqile nobekwenza kube nephunga elingabekezeleleki.
Ngokusho kawabahlala khona, abantu bebengasakwazi ukusebenzisa lezindlu zangasese ngokukhululeka ngoba bebesaba ukulimala kanye nokuphepha kwabo njengoba izicabha bezingasavaleki kahle.
“Sijabule kakhulu ukuthi emva kweminyaka eminingi kangaka sikhala imithandazo yethu isizwakele. Izindlu zangasese zibalulekile nathi siwumphakathi walapha sikushayela ihlombe okwenziwe uMasipala, siyabonga kakhulu,” kusho uNksz Thembekile Dlamini.
Uthi emva kokuba evalwa abantu baphoqeka ukuthi bathole ezinye izindawo ababengazisebenzisa abanye basesebenzisa ngisho amahlathi ukuzikhulula kodwa nakho bekungaphephile.
Elinye ilunga lomphakathi uMnuz Zethembe Mathaba yena uthe kuyamthokozisa ukubona ukuthi nabo uMasipala uyabakhathalela ikakhulukazi njengoba behlala emjondolo. Uthi bebehlala bezitshela ukuthi abanakiwe. “Abantu abahlala emjondolo bajwayele ukuthatheleka phansi ngoba impilo yasemjondolo ayifani neyasemalokishini. Kuyasijabulisa ukubona into enhle eyenziwe uMasipala emphakathini wethu,” kusho uMnuz Mathaba.
Ngokusho kukaMasipala ilinganiselwa phakathi kuka-R500,000.00 no-R1.5 million imali oyisebenzisayo ukwakha lezizindlu zangasese, okuhlanganisa izakhiwo ezingaphezulu nezaphansi kanye nengqalasizinda yamapayipi amanzi.
UMasipala waseThekwini unezindawo eziyimijondolo ezingaphezu kuka-590 kanti ngokuvamisile isimo sabantu sokuhlala kulezi zindawo sibandakanya ezimbili kuya kweziyisishiyagalombili zezindlu zangasese kuye ngenani lemindeni ehlala lapho.
Okhulumela uMasipala uNkk Gugu Sisilana ugxeka ukuntshontshwa kanye nokulimaza izingxenye zezindlu zangasese kanye namapayipi, okuthiwa kwenzeka ngemuva nje kokufakwa okusha. Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ugweme ukusebenzisa izinto ezingafanele kulezindlu zangasese nokunomthelelela ekutheni amapayipi avaleke bese indle igcwala ize ichitheke.