INTATHELI YESIVUBELA INTUTHUKO
Kunconywe amagalelo loyo osethatha umhlalaphansi ngaphansi koMasipala waseMandeni
Unconywe ngamagalelo akhe nokuzimisela ekusebenzeleni umphakathi osethatha umhlalaphansi ngaphansi koMasipala waseMandeni.
UNkk Melody Mdunge obaziwa kakhulu ngokuthi u’Mam’ Mdunge uhlonishwe uMasipala waseMandeni nophinde wamchoma uphaphe lwegwalagwala ngamagalelo akhe njengelunga le Executive Committe, nosesebenzele lomkhandlu ngokuzikhandla iminyaka engu-28.
Eminyakeni abesebenzela yona lomkhandlu uphathe iminyango eyahlukahlukene kanti ubaziwa ngokuba umthombo wolwazi emakhanseleni aphinde abe inqolobane yolwazi yomlando wase Mandeni. Uthatha umhlalaphansi nje ubehola ikomidi lezindaba zabasebenzi ngaphansi kwaloMasipala.
Ngokusho kwaloMasipala uKhansela Mdunge uqale ukuba ingxenye yomkhandlu ngonyaka ka 1996 kanti kulesisikhathi ube udlawu olulola isizukulwane sabaholi base Mandeni asebashiya izintambo, abakhona njengamanje kanye nabaseza ngemuva.
Uphinde wagconywa ngokuzinikela nokuzikhandla kwakhe ekusebenzeleni umphakathi nobekubonakala ngokuchuma kwawowonke amakomidi ake wathola ithuba lokuba ingxenye yawo.
Emcimbini wokumvalelisa izikhulumi zosuku bezisina zidedelana zihluba udlubu ekhasini ngokusebenza kanye nokwazana naye ngenxa yomsebenzi wakhe.
Phakathi kwezikhulumi singabala lowo owaba ngu Meya wokuqala ngaphansi kwe nkululeko eMandeni, uMnuz Sam Zwane, osotswebhu bamaqembu epolitiki ahlukahlukene, amalunga ephalamende kanye no Meya womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Thabani Mdlalose.
Enkulumweni yakhe, uMeya Mdlalose uveze ukuthi kube yisibusiso ukusebenzisana noKhansela Mdunge njengoba enendlela enobunyoninci yokukhuluma kanye nokudlulisa imibono yakhe. “Sisebenze kahle kakhulu no Mam’ Mdunge, ubehola ikomidi elinzima kakhulu kodwa bekuhleze kunozinzo kulona nezinqumo ebezithathwa bekuyilezo eziletha uguquko oludingakalayo ngampela. Ukusebenzisana kwethu kube kuhle kakhulu, ubufakazi balokho ukuthi sihlangene lapha singamaqembu ezepolitiki angafani kodwa sonke sivumelana ngento eyodwa, lokho okuyimisebenzi emihle ka Mam’ Mdunge” kunaba uMeya.
“Okunye okusemqoka, uMam’ Mdunge usebenze ngaphansi kwezimo ezahlukene zezepolitiki ezweni lakithi, lapha singabala isikhathi sobandlululo kanye nesikhathi senkululeko. Ulwazi kanye nesipiliyoni sakhe besimenza ahluke kakhulu kunabanye abaholi. Siyabonga kakhulu ngesikhathi abenaso kanye nathi,” kusho uMeya Mdlalose.
USomlomo womkhandlu wase Mandeni, uKhansela Phindile Sishi kanye no Menenja walo Masipala uMnuz Sizwe Khuzwayo nabo baphefumulile ngokusula kuka Mam Dunge, bavumelana ngazwi linye ukuthi amava akhe azokhumbuleka.