MAGAYE CELE

KUNCONYWA ukuzimisela nokuzikhandla kwabadlali abasebancane beqembu likanobhutshuzwayo lasesiFundazweni saKwaZulu iRoyal Am eligijima esigabeni esiphezulu seBets Way Premiership.

Loyo ongumlolongi waleli qembu uJohn Maduka nguyena oncoma kakhulu abadlali baleli qembu.

Uthi laba badlali babonakale bekhipha amangwevu ngemuva kokuba bethole ingqayizivele yethuba lokuba bakhushulelwe eqenjini elikhulu.

Abadlali abakhushulelwe esigabeni esiphezulu saleli qembu bonke babonakale bedlala ingcwenga yebhola.

Bebekade begijina eqenjini elincane leDisk Challenge layo iRoyal Am.

Abadlali abancane okukhulunywa ngabo lapho ngu-Ayanda Jiyane,Sabelo Sithole, kanye noSphiwo Cele.

Bonke laba badlali bononakale bekwazi ukuthi belithwale leli qembu njengoba lisamisiwe ukuthi lingasayinisa abadlali.

Ekhuluma kabanzi ngalokhu umlolongi uMaduka uthe :” Iqiniso lithi bobathathu laba badlali bethu abasebancane abasanda kukhushulelwa esigabeni esiphezulu babonakala bedlala kahle kakhulu. Uyancomeka kakhulu umsebenzi obonakala bewenzela iqembu elikhulu.”

Nabahlaziyi abaningi bebhola likanobhutshuzwayo sebephumele obala babancoma kakhulu laba badlali.

Balimisa ngesihloko elithi babonakala benekusasa eliqhakazile kakhulu inqobo nje uma bezoqhubeka nokudlala ngale ndlela ababonakala benza ngayo okwamanje.

IRoyal Am ibalwa namanye amaqembu akwaziyo ukukhulisa kahle abadlali bebhola abasuke besakhula.

Leli qembu ngaphambilini like lagaba kakhulu ngabadlali beqophelo eliphezulu nabanesipiliyoni kodwa asebelishiyile.

Phakathi kwabo kubalwa u-Ellias Pelembe waseMozambique ngokudabuka,  Happy Jele owagqama kakhulu kwizingqungqulu zaseGoli i-Orlando Pirates, uRicardo Nasemento owayongukaputeni weMamelodi

 Sundowns.

IRoyal Am iphethwe ngomunye wosomabhizinisi owaziwayo esiFundazweni saKwaZulu uShaun Mkhize.