Kule mpelasonto ezayo, uMasipala wesiFunda iLembe uzosingatha umcimbi wawo waminyaka yonke weSiyaya Emhlangeni ukulungiselela uhlelo luka-2025 loMkhosi woMhlanga wesifundazwe.
Umcimbi weSiyaya Emhlangeni uhlose ukukhuthaza ukulondolozwa kwesiko kanye nobunikazi bamasiko kuyilapho usebenza njengenkundla yokubhekana nezindaba zomphakathi ezithinta izintombi nabesifazane bebonke, okuhlanganisa udlame olusekelwe ebulilini kanye nokukhulelwa kwentsha, phakathi kokunye.
Amalungu omphakathi ayakhuthazwa ukuthi ahambele lo mbukiso ngoMgqibelo, zingama-23 kuNcwaba wezi-2025, kuMasipala waseNcedomhlopheMandeni.
