Umbiko wekhasi likaFacebook (KwaMaphumulo)

Izwe laseNingizimu Afrika elinesibalo esiphezulu se-HIV/AIDS phakathi kwabesifazane abasebasha namantombazane. UMasipala wakwaMaphumulo uhlanganyele nezinye izinhlaka zikahulumeni abaphethe impi yokulwa nalolu bhubhane mhla ubambe umkhanso i-SHE CONQUERS mhlaka -22 kuNhlolanja ka-2022, eHholo loMkhandlu kaMasipala.

Abesifazane ezweni lonke manje sebenegama lomkhankaso kazwelonke wokuvimbela i-HIV kumantombazane nabesifazane abasebasha owethulwe uMongameli wezwe uCyril Ramaphosa ngonyaka ka2016 olubizwa ngokuthi “SHE CONQUERS”

Igama elithi, “She Conquers”, eligqugquzelwa abesifazane ababhekana nezinselelo nsuku zonke futhi abalwela ukuzinqoba. Lo mkhankaso weminyaka ogxile ekuthelelekeni nge-HIV, ukukhulelwa, ukuyeka isikole, udlame olubhekiswe lobulili, ukuntuleka kwemisebenzi kanye nokushoda kwamathuba ezomnotho phakathi kwamantombazane nabesifazane abasebasha.

Ethula inkulumo yakhe yokwamukela abebe hambele lomkhankaso uKhansela Nomzamo Ngidi uzwakalise injabulo yakhe, “Kusemqoka kakhulu kuHulumeni wethu ukuthi wonke umuntu wesifazane osemusha eNingizimu Afrika akwazi ukuthola izinsiza nolwazi ukuze aphile impilo engcono, futhi enempumelelo. SinguMasipala wakwaMaphumulo sizeseka ngokuphelele izinhlelo ezifana ne-She Conquers ezihlose ukuthuthukisa amantombazane ethu asemancane.” kusho uKhansela uNgidi.

UMkhandlu wakwaMaphumulo uyaqhubeka nokuzibophezela ekuthuthukiseni abantu besifazane futhi unethemba ukuthi lo mkhankaso uzokhuphula izinga lokuqwashisa emantombazaneni futhi uwafundise ngokubaluleka kokuphikelela noma ukuxoxisana ngocansi oluvikelekile.

Lo mkhankaso obe yimpumelelo, ubuhlelwe ngokubambisana neHhovisi likaNdunankulu kwisifundazwe sakwaZulu – Natali, Umnyango Wezempilo, Umnyango wezemfundo, UMkhandlu weLembe, iSoul City Institute, kanye nabanye.