TSEPO MOTLOKOA

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal ophathiswe uNkz Nomagugu Simelane ugezeke igilo ngomkhankaso wawo IKHOSOMBA LAMAJITHA njengoba bewuhambele kumasipala waseMooi-River uyokhuluma nabesilisa ngezindlela zokuzinakekela ngakwezempilo.

UNgqongqoshe wawo lo mnyango uNkz Simelane obehola ithimba lomnyango wakhe nezikhulu zikamasipala waseMooi-River nezezifunda saseMgungundlovu utshele abezindaba abebeyingxenye yokuhanjelwa kweKHOSOMBA LAMAJITHA ukuthi loluhlelo lwabo baqale ukulwethula kumasipala waseMhlathuze futhi bazimisele ukuhambela wonke amalokishi KwaZulu-Natal. Uthe bahlele ukuhambela izizinda lapho abesilisa bevame ukuhlanganela khona kabafunanga ukulinda ukuthi kuze kube yibona abesilisa abeza kubona bewumnyango.

UNkz Simelane uthe IKHOSOMBA LAMAJITHA lizonxenxa abesilisa ukusondelana nezikhungo zezempilo ukuze bazi ngesimo sempilo yabo. Ukhale ngabesilisa abahambela kude kakhulu nezikhungo lokho okwenza ukuthi banganaki noma ngabe kukhona asebephila nazo ezicashe egazini. “Le ndlela yokuhambela abesilisa lapho bekhona isisiza kakhulu ngoba siya kubonan gqo siphethe zonke izinsiza zezempilo ukuze sibasize ngaleso sikhathi lapho sibafice khona. Okuyikhona esikubeke eqhulwini ngukukhuthaza ukusoka kwabesilisa, ukwazi ngomdlavuza wamankwahla nokukhuthaza ukuba bagomele iCOVID-19 njengoba bebonakala bemanqika ekugomeleni lo mkhuhlane. Sikubone kukuhle ukuthi siye kubona ngoba uma benganakiwe bayazihlalela umuntu agcine esefa ngoba engalutholi usizo ebulawa yisifo ebesinganqandeka kodwa wathalalisa. Kuningi esikutholile kubona ngesikhathi sixoxa nabo sakwazi nokubachazela ngokubaluleka kokuhambela izikhungo zezempilo kumuntu ukuze agcine ephila. Kusijabulisile ukuthi emahoreni amabili sikwazile ukusoka abesilisa abawu-15 kube kusekhona nabanye abebesalindile.  Lokho kusikhombisile ukuthi abantu besilisa bayadinga ukunakekelwa ngokwezempilo kodwa inkinga yabo ukuhambela izikhungo lapho bezothola khona usizo,” usho kanje.Ephetha uNkz Simelane uthe kubahlabe umxhwele ukubona abesilisa bebambisene nomnyango kuloluhlelo lweKHOSOMBA LAMAJITHA. Uthe basibone sisikhulu isidingo sokuthi izinsiza zezempilo zihambele izizinda lapho behlala khona ngoba babonile ukuthi bayakhululeka ngokubuza ezinye zezinto okungafani noma umuntu eziyele emtholampilo. Uthe bathole nokubafundisa ngomdlavuza wesibele ngoba ngokujwayelekile bekwaziwa ukuthi uhlasela abesifazane kuphela kanti kakunjalo nabesilisa uyabahlasela