TSEPO MOTLOKOA

LUBUNGAZWE ngokuhlukile usuku lwamalungelo abantu eMandeni njengoba umasipala wakhona ngokubambisana neMandeni Constituency Parliamentary benze imashi ezitaladini zaleli dolobha bexwayisa ngokusethenziswa budlabha kwezidakamizwa emphakathini.

NgoMsombuluko weholi lomhlaka 21 March umphakathi waseMandeni ube nemiviliyelo edolobheni lalendawo uphume umkhankaso wokukhuza lesi sihlava sokusetshenziswa kwezidakamizwa ezingekho emthethweni. Lo mkhankaso uqale eSiyavikela Primary School wayosongwa eSibusisiwe Community Hall. Bewethiwe isiqubulo esithi ‘Protecting and Preventing our Human Rights Gains Through a Society Free of Drugs and Substance Abuse’ obekutolikwa ngokuthi kuvikelwa amalungelo abantu ekwakheni umphakathi  ovikelwe ekusetshenzisweni budlabha kwezidakamizwa. Kushayelwe ihlombe nokubonakala kwabantu abasha bezibambele mathupha ekukhuzeni ozakwabo ekusebenziseni izidakamizwa ezingamukelekile emphakathini.

UNkz Nqobile Gumede weMandeni Parliamentary Constituency utshele izindaba zeSIVUBELA INTUTHUKO ukuthi umkhankaso wabo uhambe kahle kakhulu. Ubonge nokuzinikela komphakathi ekubambeni iqhaza ngoba lokhu kusetshenziswa kwezidakamizwa kuthinta wonke umuntu emphakathini. “Sibonga nangokuhlanganyela nabenhlangano yabafundi iSASCO ngoba izeluleko zabo zibe nqala kubantu abasha njengoba bebecetshiswa ngezindlela zokuphulukundlela ekusebenziseni izidakamizwa okuvela ukuthi ziqala ukusetshenziswa ngabafundi besesezikoleni. Ziningi nezinye izinhlangano ebesihlanganyele nazo ekukhuzeni lapha. Abantu asebengene bagamanxa ekusebenziseni izidakamizwa abangasakwazi ukuphuma kuzona bebenikwa imigudu abangayihamba ukuze baphulukundlele. Batsheliwe ukuthi bangaxhumana naboMnyango wezeMpilo, owezokuThuthukiswa koMphakathi ukuthola osonhlalakahle abazobeluleka ngokomqondo. Sibonge nangokuhlanganyela namaphoyisa ngoba aye afundisa ngengozi yokusebenzisa izidakamizwa okuvela ukuthi iningi labantu abazisebenzisayo ligcina leza izinto ezingemukelekile okugcina sekuvulwe amacala ezinkantolo. Siyethemba ukuthi le mbewu ebesiyihlwayela izowela enhlabathini evundile ukuze sibe nesizwe esivikelekile ekusetshenzisweni kwezidakamizwa ngendlela engamukelekile,” usho kanje.