TSEPO MOTLOKOA

UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal sewuchome uphaphe legwalagwala osonhlalakahle abangaphansi kwawo ngomsebenzi omqoka abawenzela isizwe nanokugcina inhlalakahle emphakathini.

Ekhuluma emgubhweni wokubungaza osonhlalakhle uNkk Nonhlanhla Khoza ophathiswe lo mnyango esifundazweni eseRichard’s Bay Chamber of Commerce and Industries uthe kuyathokozisa ukubona osonhlalakahle besebenza ngokuzikhandla emsebenzini ababizelwe kuwona. 

U-March sewaba yinyanga eyahlonzwa uhulumeni njengeyokuqhakambisa iqhaza losonhlalakahle lapha eNingizimu Afrika. 

UNkk Khoza uthe kusamkhathaza ukubona kungekho ukungameleleki kwezinye izinhlanga emsebenzini wosonhlalahle. “Kuseyinkinga lapha emsebenzini wethu ngoba kuba sengathi ngowabamnyama bodwa. Sizimisele ukubona osonhlalakahle abamhlophe, amaKhaladi namaNdiya ukuze lomkhakha umeleleke kahle nakwezinye izinhlanga kungabi sengathi ngowabebala elithile kuphela. Kuyasithokozisa futhi siyabonga ukuba nosonhlalakahle abazikhathazayo ukugcina umsebenzi wabo uhloniphekile. Sizothula iProvincial Social Work Supervision’s Forum ukugcina isithunzi sosonhlalakahle sihlonishwa. Sizoba nababheki abazoqikelela ukuthi imiphakathi yethu ithola ukunakekelwa okusezingeni eliphakeme,” usho kanje.

Eqhubeka uNkk Khoza uthe kuningi okuhlalise kabi umphakathi ugcine uhlukumezekile lokho okuye kudineke ukuthi kuze kube nemikhankaso yokukhuza udlame olubhekiswe kwezobulili nokuhlukunyezwa kwezingane. Uthe kulezo zimo bayadingeka abantu abazokhuluma ngqo nalabo abasuke behlukumezekile. “Sinxusa umphakathi ukuba ubavikele osonhlalakahle ngoba bayinhloziyo kahulumeni waKwaZulu-Natal. Masikulwele ukubona ubulungiswa ezindaweni esiphila kuzona. Sisohambweni olumqoka lokwakha imiphakathi ephilayo ndawonye.  Ngalokho simelwe ukunakekela amalungelo abantu nokuvikela labo ababuthaka kungaba owesifazane nezingane ukuze sihlale ngokuthula ndawonye,” kusho uNkk Khoza.