TSEPO MOTLOKOA

IMEYA kaMasipala waseMandeni uMnu Thabani Mdlalose ithi amaphaphu phansi emphakathini owakhele lo masipala ngoba ithimba lezinhlekelele kalilali lisebenza ubusuku nemini ukubhekana nomonakalo owenzekile kade kuhlasele izikhukhula ezishiye isifundazwe saKwaZulu-Natal singene ngaphansi kwesimo sezinhlekelele.

UMnu Mdlalose usho kanje kade nethimba aliholayo kumasipala behambele ezinye izindawo ezingaphansi kwaseMandeni beyobheka umonakalo odalwe yizikhukhula okusale inqwaba yabantu bengenamakhaya kwalahleka nemiphefumulo kwezinye izingxenye zesifundazwe.

Phakathi kwama-ward ahanjelwe yithimba lakwamasipala liholwa uyena uMnu Mdlalose ika-ward 7, 10 no-15 ebelihamba nogandanganda bomgwaqo ukulekelela ukuvulwa kwezindlela.

Ekhuluma nabantu bezindawo aye azihambela uMnu Mdlalose ucele ukuba babambisane nomasipala ngokuthi ubekezele ngoba bazimisele ukubhekana nesimo balungise ukubuyisela isimo kwesijwayelekile eMandeni. “Sesivele sisensimini siyasebenza ngakho sicela ukuba nibekezele ngoba sesikhiphe zonke izinsiza kusebenza ukunilekelela. Imigwaqo eminingi ithintekile sikubonile enikhala ngakho, ngakho sizoqhubeka ukubheka isimo ukuthi ngabe sigculisa wonke yini umuntu,” usho kanje.

UMnu Mdlalose uthe umsebenzi sewuqalile ukwenziwa kwezinye izingxenye zikamasipala eMandeni lapho umasipala uzama ukubuyisela isimo semigwaqo ebivalekile. “Njengabaholi abavotelwe ngabantu kuye kwasiphoqa ukuba sisukume ngokushesha sibe  ngabokuqala ukuletha usizo abaludingayo ukuhlangabezana nokukhala kwabo. Bekungeke kube kuhle ukuhlala sicashe emahhovisni kube kunabantu abakhalayo ngaphandle. Yisona sizathu esisenze ukuba siphume sisheshe sizobona isimo nokuthi silethe lolo sizo abaludingayo,” kusho uMnu Mdlalose.

Phakathi kwezikhulu ebezihambisana noMnu Mdlalose bekukhona uSomlomo waseMandeni uKhansela Siphindile Sishi, iMenenja kaMasipala uMnu Sizwe Khuzwayo  nezinye izikhulu zakwamasipala ezisemahhovisini.