TSEPO MOTLOKOA

LUNGENA lulakanyana usizo lokusebenzisana noHulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal oluya kubantu abakhahlanyezwe yizikhukhula ezishiye izingxenye zedolobha laseThekwini, KwaDukuza nasoGwini abantu bengenamizi abanye balahlekelwa yimiphefumulo.

Abe-Meals On Wheels Community Services (MOWCS) okuyinhlangano engenzi nzuzo yaseGoli ingenzinye zezinkampani eseziphumele obala zithembisa ukwelula isandla ukuze labo ababe yizisulu zezikhukhula bangaziboni besele dengwane bagcine sebezibiza ngondingasithebeni.

I-MOWCS ikhiphe isitatimende lapho izibophezela khona ngokuvula izandla ukusebenzisana nohulumeni waKwaZulu-Natal ukuhambisa lokho okungadingwa ngabantu ngalesi sikhathi esinzima ababhekene naso. 

UNkz Nelisa Mabhenge oyi-Chief Executive officer (CEO) yase-MOWCS uthe bayazwelana nabantu baKwaZulu-Natala abaye bazithole besele emnyango kudilika izindlu zithathwa yizikhukhula. Uthe beyinhlangano babe sebebonisana ukuthi kungaba wumqondo omuhle ukuthi lokho okuncane abanakho basebenzisana nezinhlaka ezifanele zezinhlekelele ukuyokwelula isandla kwabathintekile. “Nengenhlangano encane futhi engenzi nzuzo ngakho siyakuqonda ukuthi indala ngalesi sikhathi iyadlanga ngakho nathi sithintekile ngokwenzekile KwaZulu-Natal sabe sesifikelwa umqondo wokuphonsa itshe esivivaneni kulabo abathintekile ngenxa yezikhukhula. Kasikholwa ukuthi ukushoda kokodla kumele kube yinto ezokhathaza abantu ikakhulukazi ngalesi sikhathi. Sizibophezele ekunikeleni ngokudla nezinye izidingo ngalesi sikhathi esinzima lapho abantu besele dengawane bengenamakhaya ngenxa yokugugulwa yizikhukhula,” kusho uNkz Mabenge.

Abe-MOWCS abathi bazibophezele ukuhambeisa ukudla osekuphekiwe emahholo basezinkambini lapho okugcinwe khona abantu abamukelwe imizi yabo ikakhulukazi eThekwini, iLembe, uMgungundlovu nasoGwini. Bathi bazohambela nezindawo ezithintekile ukubheka isimo bese besiza nalapho kudingeka khona. Bacele nezinye izinhlangano ezifisa ukusebenzisna nabo ukuthi zamukelekile ukubambisana nazo kanjalo neminikelo bayayamukela kulabo abafisa ukwelula isandla ngokungaba wusizo kubantu abasele bengenamakhaya. Kuthiwe abafisa ukuxhasa bangaxhumana noNkz Lerato Mojaki ku-lerato@mealsonwheels.org.za noma ku:072 141 8264.