Umkhandlu waseRichmond uphinde wathola umklomelo ohlonishwayo we-“Sound Financial Management” ngesikhathi sengqungquthela yesi-93rd eyaziwa ngokuthi i-Annual Chartered Institute of Government Finance Audit and Risk Officers (CIGFARO) ebibanjelwe eThekwini ngoLwesine, mhlaka -01 Agasti 2024.
Lo mklomelo ukhombisa ukunakekela ngokucophelela nokuphatha ngokuhlakanipha izimali kanye nokusetshenziswa kwemali ngonyaka wezimali ka-2023/24. IMeya yedolobha, uKhansela M.K Ngcongo, iveze injabulo enkulu ngalokhu kuhlonishwa. “Sijabule kakhulu ngalempumelelo njengoba kukhombisa ukuzibophezela kwethu okuqhubekayo ekusebenzeleni isikhungo sethu.”
IMeya iphinde yagcizelela ukuzimisela kokubuyekeza izinhlelo nemithetho yalomkhandlu ukuze kuqinisekiswe ukuhamba phambili ngaphansi kweMunicipal Finance Management Act kanye neminye imithetho. “Siqinisekile ukuthi lokhu kuzosikhuthaza ukuthi senze okwengeziwe,” kusho uNgcongo.
Kanti ongumphathi wezimali uMnuz. M. Ngcobo, ugcizelele ukubaluleka kokusebenza ngokuzimisela kwezezimali. “Kudinga umsebenzi omningi ukuba siqhube kahle kwezezimali, futhi sinenhlanhla yokuba nethimba elikuqonda kahle lokho.”
Imiklomelo ye-CIGFARO isungulwe ngenhloso yokuhlonipha nokubungaza oMasipala ngokuphathwa kahle kwezezimalikanye nokuhambisana nomthetho kamasipala i-Municipal Finance Management Act (MFMA). Ngaphezu kwalokho, imiklomelo ihlose ukukhuthaza kanye nokuphatha ngendlela efanele, iphinde ilwisane nokungasebenzi kahle kanye nokuphatha kabi kweziphathimandla.