Izimbali zesizwe, ezingamatshitshi ayizinkumbi, namhlanje ziye zahlobisa endaweni yakwaMafunze e-Elandskop emcimbini obeyigqophamlando wamatshitshi esikoleni samabanga aphezulu iLangalakhe.
Kubahleli balegqophamlando yomcimbi wamatshitshi angaphezulu kwa 10 000, kubatshazwe ukuzinikela okukhulu nokusondela eduze kweNkosi yesizwe sakwaMafunze, uMnumzane uMlamuli Nxele kanye noDokotela uNgipheni Ngcobo osezigcine ubuntombi bakhe wazewafika eminyakeni angamashumi ayisikhombisa nane (74) eyitshitshi phaqa.
Kulomcimbi bekukhona iMeya yoMkhandlu wesiFunda uMgungundlovu uKhansela Mzi Zuma, uMntwana waseNdlunkulu uDokotela Zeblon Zulu kanye nobuholi obuhlukahlukene basendlunkulu.
UMeya uNxamalala uye wasika kwelijikayo ebeka amagama ambalwa ngalomcimbi uthe, “Sibonga onoMehlo bakulesifunda uMgungundlovu ngomsebenzi omuhle wokwakha futhi bayale izingane zethu ukuze zibe omama bakusasa abaqotho nabazokwazi ukwakha imindeni ephilile, basekele imiphakathi nezizwe zamakhosi njengoba sinamakhosi angamashumi amabili nane (24) kulesiFunda saseMgungundlovu”.
Udlulise amazwi okubonga ematshitshini ukuthi, uma benikezwa indlela yokuphila, babenogqozi bayithathe bayithande bayisebenzise baphile ngayo. Uthe kukhona konke mabazi ukuthi imfundo ibalulekile, bangayiyeki ngoba ayixabani nokuzigcina.
Uphethe inkulumo yakhe uMeya encoma ukuthi amatshitshi aphumelele aba maningi ngalendlela kulomcimbi uthe, “ilokhoke okwenze ukuthi nathi njengoMgungundlovu sikwazi ukwenza umnikelo ukuseka ukuthi lomcimbi uqhubeke ngempumelelo.” UNxamalala ukusho lokhu nje akafikanga elengise izandla kulomcimbi, kepha ulekelele ngesipheko seguqa elondlekile.
