Magaye Cele

IMEYA yoMkhandlu waKwaDukuza, enyakatho yesiFundazwe saKwaZulu Natal, uKhansela Lindile Nhaca usewamukele umphumela obathole bengenacala wophiko lweSpecial Investigation Unit (SIU) obumayelana nezinsolo ngokukhwabanisa izinsiza zokuvikela iCovid- 19 (Personal Protection Equipment) ebezikade zibhekiswe ngqo kulo Mkhandlu.

Lo mbiko ubumayelana nokwakwenzeka ngesikhathi kuhanjiswa izidingo zokhuvethe iCovid -19 kusukela ngomhlaka-23 kuJuly kuze kube umhlaka-30 kuSeptember ngo-2021.

Ukutholakala umsulwa kwalo Mkhandlu kwalolu phenyo mayelana nezinsolo uKhansela Nhaca ukuchaze njengento encomekayo nebajabulisayo kakhulu. Ugcizelele kakhulu ukubaluleka kokuthi lo Mkhandlu ube negama elihle emphakathini wonkana kanjalo naseNingizimu Afrika jikelele.

Uthe yingakho ke lolu phenyo obelukade luqhutshwa abeSpecial Investigation Units belwamukela ngezandla ezimhlophe ikakhulukazi njengoba luveza ngokusobala ukuthi lo Mkhandlu umsulwa kokade usolwa ngakho.

“Siyawamukela umphumela omuhle kakhulu wophenyo lweSpecial Invistigation Units. Umphumela wophenyo omuhle kangaka uyasijabulisa kakhulu thina njengoMkhandlu waKwaDukuza,’’ usho kanje.

Eqhuba uKhansela uNhaca uthe uMkhandlu waKwaDukuza awubunjiwe ngaphansi kwenkohlakalo nokukhwabanisa. Wathi kodwa lo Mkhandlu uwufanisa nesikhungo esizinikele kakhulu ekutheni kwenziwe ngcono izimpilo zabantu.

“UMkhandlu waKwaDukuza yisikhungo esizinikele kakhulu ekutheni sigxile ekunikezeni abantu izidingo zabo ngaphezulu kwakho konke lokho sifuna ukuba uMkhandlu ongenalo neze igama elibi kubantu,’’echaza.

UKhansela uNhaca uthe konke abakwenzayo njengoMkhandlu bakwenza egameni labantu abawumphakathi waKwaDukuza namaphethelo. 

Uthe yingakho kukhona konke abakwenzayo njalo benza isiqiniseko esikhulu sokuthi abantu yibona abaseqhulwini kulo Mkhandlu.

“Konke esikwenzayo sikwenzela umphakathi wethu esikuwona futhi okuyiwona esiwusebenzelayo,’’usho kanje. UMkhandlu waKwaDukuza ubalwa noMasipala abane abangaphansi kwesiFunda iLembe.