TSEPO MOTLOKOA

KUBUYISE ithemba ukuzinikela kweMeya yesiFunda saseMgungundlovu uMnu Mzi Zuma ekulekeleleni ama-guest house akuleli dolobha asala dengwane kwakubheduke iCOVID-19 okwalandelwa ukuvalwa kwezwe ukunqanda ukusabalala kwalombhedukaze izindawo zokulala zasala zingenzi nzuzo.

UMnu Zuma uhambele eMadlula Guest House eScottsville okuyindawo yezokuvakasha eyasungulwa yimpunyela yaseMgungundlovu engasekho uMnu Sikhumbuzo Hlela ngokubambisana nenkosikazi yakhe uZandile Hlela eyobona le ndawo ukuthi iqhuba kanjani emuva kokuthikamezeka yilezi zimo ezibalwe ngenhla. 

IMadlula Guest House iphinde ngoDecember yathintwa yisichotho ebesihambisana nesiphepho kwacekeleka phansi uphahla kwaphoqa ukuba ifulelwe kabusha. 

UNkz Ntokozo Hlela oyimenenja yezokuxhumana nokukhangisa eMadlula Guest House uthe isiphepho sibagqeme engeqiwa ntwala ngesikhathi besazikhotha amanxeba ngokuphazamiseka kokuhanjelwa kwendawo yabo ngokubheduka kweCOVID-19 nezibhelu. “Uhamba kancane kakhulu umsebenzi kulezi nsuku kangangoba kuyenzeka kuphele isonto kungafikanga muntu ukuzolala e-lodge ekubeni nyanga zonke kumele sikhokhele ugesi namanzi kwamasipala. Ukuvakashela kwemeya yesifunda uMnu Zuma kusinikeze ithemba lokuthi uxhaso abazoza nalo luzowenza umehluko nesimo sibuyele kwesasiyisona phambilini,” kusho yena.

Imeya uMnu Zuma ithe basizwile isikhalo sosomabhizinisi abasemkhakheni wezokuvakasha sokudonsa kanzima kwamabhizinisi abo emuva kokuhlasela kweCOVID 19, izibhelu nesichotho nesiphepho. Ithe bahambele eMadlula Guest House beyozwa umonakalo abasala nawo kwakuhlasele isiphepho esasihambisana nesichotho. “Singakusho ukuthi ukukhala kosomabhizinisi bezindawo zokungcebeleka kusithintile nathi siwubuholi besifunda ngoba ezokuvakasha ngomunye wemikhakha ebaluleke kakhulu ekufukulweni komnotho. Sithembisa ukuthi lokhu kukhala kwabo sizokudlulisela ekomidini lezimeya zomasipala abawu-7 abangaphansi kwaseMgungundlovu sibone ukuthi singelula kanjani isandla ukuze basizakale,” usho kanje.