Intatheli yeSivubela Intuthuko

Abanikazi bamabhizinisi okuhlanganyela (amaCooperatives) bakwaMaphumulo sebethole ulwazi olubalulekile oluzobasiza ukuthi bakhule, babe semthethweni futhi basebenze ngendlela eqondile. Lokhu kuza emva kwesithangami esihlelwe ngokubambisana phakathi kukaMasipala wakwaMaphumulo noMnyango Wezokuthuthukiswa koMnotho, Ezohwebo Nezemvelo (EDTEA) ukubahlomisa ngokuphatha, ukulandelwa komthetho kwezebhizinisi(Compliance) kanye nolwazi lwebhizinisi.

UMeya kaMasipala wakwaMaphumulo, uKhansela Zibuyisile Khuzwayo-Dlamini, ugcizelele ukuthi isithangami sigxile kakhulu emikhakheni enjengezolimo, imisebenzi yokuthunga, ukufuywa kwezilwane, kanye nemikhiqizo yamakhemikhali. “AmaCoops ayisisekelo sokuthuthukisa umnotho wendawo ngoba adala amathuba emisebenzi, ikakhulukazi kwabasakhula nabesifazane, futhi avumela abantu ukuthi basebenzisane ukuze bafinyelele emigoweni abebengakwazi ukuyifinyelela bodwa,” kusho yena.

AmaCoops, noma amabhizinisi okuhlanganyela, asebenza ngendlela yokuthi amalungu awo abambe iqhaza ngokulinganayo ekuphathweni nasezinqumweni. Inzuzo etholwa yabelwana ngayo ngokwesivumelwano, kanti umsebenzi ugxile kakhulu ekuthuthukiseni impilo yamalungu kanye nomphakathi abahlala kuwo. Ngokujwayelekile, la mabhizinisi asebenzisa imikhiqizo noma amakhono abantu abahlukene ukuhlanganisa umkhiqizo noma isevisi, okuyenza ibe nempumelelo enkulu uma kuqhathaniswa nomzamo womuntu oyedwa.

Phakathi kwezinto ezibalulekile abafundiwe kulesi sithangami kubalwa ukwakha iPlani yebhizinisi eqinile, ukuphathwa kahle kwabasebenzi, izindlela zokuthola uxhaso eminyangweni kahulumeni ehlukene kanye nokubhaliswa kumqoqi wentela (SARS) ukuze kusebenzeke ngokusemthethweni.

Kube nezethulo eziqhamuke ku-Enterprise iLembe, i-SEFDA, uMnyango Wezolimo, iHhovisi Lezokuqashwa Nemisebenzi kanye neHhovisi Lakwa-Economic Development kuMasipala wakwaMaphumulo.