Intatheli yeSivubela Intuthuko
Umphakathi waseBhamshela, eNdwedwe, uthole intuthuko enkulu namuhla ngemva kokuthi uNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, evule ngokusemthethweni i-Registering Authority and Driving License Testing Centre. Lesi sikhungo silindeleke ukuthi sinikeze izakhamuzi amathuba alula okuthola ilayisensi yokushayela ngaphandle kokuhamba amabanga amade, nokuthuthukisa ukuphepha emigwaqeni.
Lo mcimbi uqale ngomhlangano wokucobelelana ngolwazi ehholo iThembalantu nabaholi bendabuko, amakhansela kanye nezikhulu. Lapha uDuma uveze ukuthi iNdwedwe inezimoto ezingu-118 352 ezibhalisiwe okuyinkomba ecacayo yokukhula kwezokuthutha. “Lokhu kuyinkomba yentuthuko eyenzeka endaweni. Kodwa ngiyacela, abantu mabathole amalayisensi asemthethweni ukuze sigweme izingozi ezidalwa abantu abangakaze bafunde ngisho nezimpawu zomgwaqo,” kusho yena.
IMeya kaMasipala wesifunda iLembe, uKhansela Thobani Shandu, ithe ukuvulwa kwalesi sikhungo kuwumphumela wokubambisana phakathi kukahulumeni nezakhamuzi. “Ngiyazi ukuthi kwakhiwa iSikhungo Sokuhlola Ilayisensi Yokushayela, umsebenzi ofanayo uyenzeka kwezinye izingxenye zesifunda. Siyacela ukuthi silondolozwe, singabi njengamapayipi amanzi amaningi ashiswe yizigebengu. Uma sivikela ingqalasizinda, sivikela ikusasa lethu,” kusho uShandu.
Ekhuluma ngeminye imisebenzi kahulumeni, uShandu ubonge uKhansela Sam Mfeka, iMeya yendawo, ngokuphothula umsebenzi oqale ngaphansi kobuholi bangaphambilini okubalwa nowayeyiMeya uKhansela Vincent Chili. “Lesi sikhungo siyinzuzo enkulu. Siyathemba ukuthi sizosiza nabafundi ukuthi bathole amathuba angcono emsebenzini, njengoba abanamalayisensi bahlala befuna ezokuthutha,” esho.
UNgqongqoshe uDuma uthe kuyakhathaza ukubona abantu abaphikisana nentuthuko. “Siyethemba ukuthi lolu hlelo ngeke lugcine lufana nalawo amapayipi ashiswe, ngoba uma sibhidliza esakhiwe, sibuyisela emuva ukuthuthuka kwabantu. Kufanele sibambisane ukuze izinto ezakhiwayo zisebenzele imiphakathi yethu,” kusho uDuma.
Uphinde wamemezela uhlelo lokuxhasa intsha eneminyaka engu-17 ukuze ithole izincwadi zokufunda ukushayela, oluhloswe ngalo ukulungisa ikusasa lentsha nokunciphisa izingozi emigwaqeni. “Lokhu kuyithuba elikhulu emphakathini, futhi lolu hlelo luzosiza ekutheni sikhulise izizukulwane ezishayela ngokuphepha,” kuphetha uDuma.
