Intatheli yeSivubela Intuthuko
UMnyango Wezokuphepha Komphakathi KwaZulu-Natal, oholwa uNdunankulu uThami Ntuli, unikele ngeziteshi ezine zamaphoyisa ezihambayo ezisezingeni eliphezulu ngenhloso yokulwa nobugebengu ezindaweni ezaziwa kakhulu njengezinobugebengu obuphezulu.
Izindawo ezizohlomula ngalezimoto kubalwa iBulwer, KwaMakhutha, Inanda kanye naKwaMbonambi. Lezimoto zidle imali ebalelwa ku-R6.8 million kanti phakathi zifakwe zinezinto ezibalulekile okubalwa ihhovisi, igumbi lokugcina iziboshwa, indlu yangasese kanye nekhishi elincane.
UNtuli uthe lendlela iyisinyathelo esiqondile sokuphendula izikhalo zomphakathi eziveze ukuthi iziteshi zamaphoyisa eziseduze azitholakali, okuphinde kubenze baphoqeleke ukuhamba amabanga amade ukuze bathole usizo. “Sifuna ukubona izinyathelo zokuvimbela ubugebengu ezibonakalayo esifundazweni sethu ukuze siwine impi nobugebengu. Kodwa kufanele sazi ukuthi amaphoyisa wodwa ngeke akwazi ukunqoba lobu bugebengu, sidinga ukubambana njengomphakathi,” kusho yena.
Ngonyaka odlule, lo mnyango wanikela ngezimoto ezingu-36 kuSAPS ukuze kusizwe ekunqandeni ukushoda kwezinsiza. UNtuli uphinde wakhuthaza imboni ezizimele ukuthi isekele ngemali izinhlaka zomphakathi ezizibophezele ekulweni nobugebengu, ukuze kuphakanyiswe umkhankaso wokulwa nalo mshayabhuqe.
