KUQOPHEKE umlando ngesikhathi umasipala weTheku unikezwa ilungelo lokuba uziphehlele wona ugesi.
Kungokokokuqala ngqa emlandweni ukuthi leli dolobha ligixatshezwe ngengqayizivele yethuba elifana naleli.
Loyo onguNgqongqoshe kagesi kuzwelonke uMnuz Kgosiento Ramakgopa uyena odlulisele ilungelo eligcwele kumasipala weTheku.
Lokhu iMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba uthe kusho lukhulu kubona.
Uthe bajabule kakhulu ngaleli lungelo abalitholile. Uthe ukholwa ukuthi ukuziphehlela kwabo ugesi kuzohamba ibanga elide kakhulu ekulweni nenkinga kagesi kuleli dolobha.
Uthe kukhona obekumele bakwenze ngenkinga kagesi baze babona kungcono ukuba bacele ilungelo lokuvele baziphehlele bona ugesi ukuze kungeke kube nezikinga lezi esezijwayele ukuba khona.
Uthe akukho nokuncane nje ukungabaza mayelana nokuthi lokhu kuzobonakala kwenza umehluko omkhulu kulona lonke leli dolobha.
Ugcizelele ukuthi iTheku yidolobha elikhulu nakwamanye amazwe ngakho ke kumqoka ukuba izinto zalo zibonakale zisemgangathweni zikhathi zonke.
“Sijabule kakhulu ngokuthi ekugcineni sinekezwe ilungelo eligcwele lokuthi siziphehlele thina ugesi. Lokhu kuzodala umehluko omkhulu kuleli dolobha lethu,” usho kanjena.
Ukuthola leli lungelo uMeya uXaba uthe kusho ukuthi angeke besancika ku-Eskom kodwa sebezozimela.
“Leli yigxathu elikhulu kabi elithathwe umasipala weTheku. Siyethemba ukuthi kuzoba nomehluko omkhulu kabi esizowu
bona ngogesi uma sesiqalile siziphehlela thina,” usho kanjena.
Konke lokhu abakwenzayo uMeya uXaba uthe yingoba babeke phambili ukuthi kumele bathole impilo engcono abantu abangabahlali baseThekwini.
Abantu bakuleli dolobha bahlabeke umxhwele ngegxathu elithathwe yileli dolobha.
