MAGAYE CELE

IMEYA yoMkhandlu weTheku, uKhansela uMxolisi Kaunda usenze isethembiso sokuthi njengoMkhandlu weTheku bazolufakela izibuko udaba lokungaqasheki kwabantu besilisa uma sebeneminyaka eyedlule ku-35.

UKhansela uKaunda wenze lesi sethembiso ngesikhathi ehambele ingqungquthela yokubhunga kabanzi ngezingqinamba kanye nezinselelo eziningi nezahlukene ezibonakala ziphazamisa kakhulu inhlalonhle yamadoda.

Amadoda amaningi abekade ekhona kule mbizo ebikade iqhubeka ehholo laseClermont, entshonalanga yeTheku aphumele obala anxusa uKhansela uKaunda ukuthi abhukule kube khona abakwenzayo njengoMkhandlu weTheku ngenhloso yokubhekana nje ngqo nalenkinga abakhononda ngayo.

“Ukuqasheka kwabantu akumele kuye ngokweminyaka. Kuze kufike kwisigaba lapho khona kukhona abantu besilisa ababalisa ngokuthi uma sebeneminyaka engaphezulu kuka-35 ababe besaqasheka nje nhlobo. Siyathembisa ukuthi nakanjani kukhona esizokulungisa okumayelana nalolu daba,’’kuthembisa uKhansela uKuanda,

Eqhuba uKhansela uKaunda uthe akulungile ukuthi amadoda agcine esezithola esesimweni esinzima kakhulu sokuvaleleka emathubeni omsebenzi ahlukahlukene ngenxa nje yokuthi aseneminyaka engaphezulu kuka-35.

“Okuyikhona okumqoma kakhulu ngaphezulu kwezinto zonke ukuthi kudaleke amathuba omsebenzi abantu bonke bakwazi ukuthi basebenze bondle imindeni yabo. Uma seyakhekile leyo misebenzi wonke amadoda kumele akwazi ukufaka izicelo zemisebenzi angavinjwa ukuthi aneminyaka engaphezulu kuka-35,’’kuchaza uKhansela uKaunda.

UKhansela uKaunda uze wakhuluma kabanzi nangohlelo alubize ngokuthi yiPublic Employment Programme. Kulolu hlelo uthe kuzokwenziwa isiqiniseko esikhulu sokuthi abantu besilisa kabachizelwa uma kukhulunywa ngamathuba omsebenzi ngenxa nje yeminyaka yabo.

“Lento yokuthi kunabantu besilisa abangeke baze bawuthole umsebenzi ngoba nakhu sebefike eminyakeni ethize yempilo sizokwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi siyayibheka ukuze ingeke igcine seyilimaza abantu abaningi besilisa,’’kuthembisa iMeya yoMkhandlu weTheku uKhansela uMxolisi Kaunda.