SECHABA MAKORO

OWAKWADUKUZA uze nohlelo lweSENZALULA okuhloswe ngalo ukusiza umphakathi ekufinyeleleni ezinsizeni zikamasipala lezo ezifaka phakathi izidingo-ngqangi.

 IMeya yakwaDukuza uKhansela Lindile Nhaca yiyona eze nalolu hlalo ngenhloso yokungavalelwa ngaphandle kwabantu ekutholeni ngokuqhubekayo okumbandakanya ezentuthuko. Ithe baqoke ukusebenzisa igama lesiZulu ngoba linomqondo osobala kakukho okufihliwe kulona. Uthe bayakholwa ukuthi lo mkhankaso wabo uzokhula njengoba befuna ukuthi umasipala wabo waziwe nge ‘KwaDukuza doing business, faster and smarter’.

UKhansela Nhaca uthe uhlelo lweSENZALULA lufaka phakathi zonke izinhlaka abasebenzisana nazo ekufuqeni intuthuko kubantu. “Alukho uhlaka oluvalelwe ngaphandle lapha kwiSENZALULA kwazise lumbandakanya nezamabhizinisi. Ngalolu hlelo sihlose ukufaka umfutho njengenhloso yokusondeza abantu kuzona zonke izinhlelo ezithuthukisa umphakathi nangokusondeza eduzane abatshalizimali,” usho kanje.

UKhansela Nhaca uthe uyalwethemba lolu hlelo ukuthi luzolekelela nasekufukuleni umnotho waKwaDukuza nasekukhuleni kwemikhiqizo ekulendawo. “ISENZAKALULA ihlose ukunikeza wonke umuntu ithuba lokuzimbandakanya nezinhlelo zikamasipala zezentuthuko. Lolu wuhlelo olusezinhlelweni zokubuka phambili kulokho okuseqhulwini lwentuthuko yabantu,” kusho yena.