MAGAYE CELE

IMEYA yeTheku, uKhansela Cyril Xaba uhlabeke umxhwele ngokuvulwa kwenxanxathela yezitolo, iSipingo Mall eseningizimu yeTheku.

Lezi zitolo kuvelile ukuthi zingaphansi kwenkampani yezitimela uPrasa. 

Kuvela nokuthi ububanzi bale nxanxathela yezitolo bulinganiselwa ku-7 259. Ngaphakathi kuyona kuvela ukuthi kuzoba khona izitolo ezingu-45.

Kuzoba khona amahhovisi ehlukene, amabhange nezindawo zokupaka ezilinganiselwa ku-304.

UXaba lokhu uthe kudinga ukushayelwa elikhulu ihlombe lokhu ngoba kuveza ngokusobala ukuthi idolobha iTheku lizimisele kangakanani ukuba kuthuthuke umnotho.

”Kuyajabulisa kakhulu ukubona izinto ezinjengelezi zenzeka. Zibuyisa ithemba elikhulu kubantu abehlukene. Okuhle kakhulu ngalokhu ukuthi baningi kakhulu abantu abazohlomula ngamathuba omsebenzi,”usho kanjena.

Uthe kuhle ukuthi amathuba omsebenzi futhi azotholwa ngabantu bezigaba ezahlukene okufaka phakathi abantu abadala kanye nabantu abasha abavela ezingxenyeni ezahlukene zeTheku.

Ugcizelele kakhulu ukuthi imisebenzi yalolu hlobo iyadingeka kakhulu ngoba ifukula umphakathi ingagcini lapho iphinde idale nozinzo uma kukhulunywa ngodaba lwezomnotho wedolobha.

Uthe kumqoka ukuba ube nozinzo umnotho wedolobha iTheku ngoba lona umasipala obalwa neminye yemikhulu ezwenikazi i-Afrika. 

Ubancomile kakhulu abakwaPrasa ngomsebenzi omuhle abawenzile. Ngalo lolu suku abakwaPrasa baphinde bethula ngokusemthethweni izitimela ezingu-300 ezintsha.

Konke lokhu uMeya uXaba ukushayele elikhulu ihlombe wathi kumqoka kakhulu ukuba kuqinisekiswe ukuthi ziyandiswa izitimela ngoba baningi abantu abazisebenzisayo.

Loyo onguSihlalo weBhodi lakwaPrasa uNosizwe Nokwe- Macamo uthe izitimela ezethuliwe zizoba khona iminyaka elinganiselewa kwengu-40 kuya kwengu-50 ngenxa yezinga ezenziwe ngalo.

Uthe njengebhodi bayazigqaja kakhulu njalo uma bekwazi ukwethula umsebenzi osuke uzobonakala ufukula kakhulu izimpilo zabantu.

“Ukuvulwa kwale nxanxathela yezitolo kanye nokuthulwa kwalezi zitimela sihlose ngakho ukuba kuguqule izimpilo zabantu bakithi. Siyathemba ke ukuthi nakanjani lokhu esikuhlosile kuzobonakala kwenzeka,”usho kanjena.

Loyo onguNgqongqoshe wezokuThutha eNingizimu Afrika, uBarbra Creecy naye ulincomile kakhulu ibhodi lakwaPrasa ngomsebenzi omuhle elikwazile ukuthi liwenze ngokukhulu kuphumelela lokhu.

Uthe zimqoka kakhulu izinhlelo zalolu hlobo ezisuke zifaka phakathi ukuthuthukiswa komphakathi ngezindlela ezahlukene.