MAGAYE CELE

KUZODLA imali eningi kakhulu uma sekulungiswa kabusha isiShayamthetho esidala sasoLundi enyakatho yesifundazwe saKwaZulu Natal.

Lezi zindaba zidalulwe yiloyo onguNgqongqoshe woMnnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu esiFundazweni saKwaZulu uMfu Thulasizwe Buthelezi. 

Uveze ukuthi kuzogcina kudla imali elinganiselwa kuR70 million ngenhloso yokuthi kuphothulwe lo msebenzi omkhulu.

Lokhu uMfu Buthelezi ukudalule ngesikhathi kunesimemezelo esikhulu sokuthi uMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi kanye Nengqalasizinda esiFundazweni saKwaZulu Natal oholwa uMnuz Martin Meyer udlulisela ngokusemthethweni lesi sakhiwo kuMnyango wezokuBusa.

UMfu Buthelezi uthe bakholwa ukuthi kuzoba mqoka kakhulu ukuba wenziwe ngokucophelela lo msebenzi.

Eqhuba uthe uLundi yindawo enomlando omude nonothile. Wathi kuletha ithemba ukulungiswa kabusha kwesiShayamthetho.

Uveze nokuthi umsunguli weqembu Inkatha Freedom Party (IFP) ongasekho emhlabeni uMntwana waKwaPhindangene uDkt Mangosuthu Buthelezi kwakuyisifiso sakhe esikhulu ukubona isiShayamthetho esidala silungiswa.

“Lokhu kusho lukhulu kakhulu kubantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal namaphethelo. Futhi bekumqoka ukuba makwenzeke njengoba kwakukade kuyisibophezelo esikhulu sikamntwana waKwaPhindangene,” usho kanjena.

Ugcizelele kakhulu ukuthi bese sifikile isikhathi sokuthi kube khona okwenziwayo mayelana nokubuyisa isithunzi seSishayamthetho esidala sasoLundi.

Kuvelile lapha ukuthi kuzovela indathane yamathuba omsebenzi uma sekuqaliwe ukulungiswa kwale ndawo.

Kuvelile nokuthi usekhona usonkontileka ogixatshezwe ngomsebenzi omkhulu wokulungiswa kwale ndawo.

Lezi zindaba zifane noju ikakhulukazi kubantu abaningi basoLundi namaphetho.

Abaningi bathi bakholwa ukuthi lokhu kuzodala ukuthi usimame kakhulu umnotho wasoLundi.