MAGAYE CELE

UGUNYAZE isabelo mali semali elinganiselwa ku-R90 000 umasipala weTheku oholwa nguKhansela Cryil Xaba ukuze kubhekelelwe izidingo zezintombi zaseThekwini eziya emkhosini woMhlanga wakulo nyaka.

Kuvelile ukuthi lesi sabalo mali esigunyaziwe bekungesokuthi kukhokhelwe amabhasi azobe esuka kuleli dolobha eyisa izintombi zaseThekwini kuMkhosi woMhlanga.

Kuvelile ukuthi angu-20 esewonke amabhasi okukhulunywa ngawo lapha.

Kuvela ukuthi lo masipala obalwa neminye yemikhulu ezwenikazi lase-Afrika awugcinanga nje ngokukhipha amabhasi kuphela kodwa uphinde wakhipha izisebenzi kanye namakhansela ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izintombi ziphephile kulo mkhosi.

Uphinde waqinisekisa nendaba yokudla nakho kube sezandleni zawo.

Kuzokhumbuleka ukuthi kungokokuqala ngqa ukuba uMkhosi woMhlanga  kulo nyaka ubanjelwe esigodlweni esisha seNgonyama uMisizulu kaZwelithini eMashobeni, oPhongolo.

ITheku lithi lo Mkhosi ubaluleke kakhulu ngako ke kumqoka ukuba kubonakale kuba khona indima oyiklamayo ukuze uphumelele ezintombini.

Lithi kumqoka ukuba zijatshuliswe izintombi nto ezisuke zisahamba uMkhosi woMhlanga. Lokhu lithi bakwenza ngoba bahlonipha isiko lakwaZulu.

Kuzokhumbuleka phela ukuthi lo mkhosi waqalwa yiSilo uMpande ngeminyaka yo-1800 wase uvuselelwa ngokusemthethweni ngonyaka ka-1984 yiNgonyama eseyabuza uZwelithini kaBhekuzulu kanye neNdlovukazi uMantfombi Shiyiwe kaSobhuza wakwaKhangela Amankengane.

ITheku lithi liyazigqaja kakhulu ngokuthi kukhona okuthile elikwenzile ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi uyaphumelela umkhosi omkhulu kangaka nowaziwa umhlaba wonke.

Lo mkhosi minyaka yonke uye uhlanganise izinkumbi zezintombi nto ezivela ezingxenyeni ezahlukene zesiFundazwe saKwaZulu Natal.