Intatheli yeSivubela Intuthuko

IKwaDukuza ibe yindawo yokuhlangana kwamalungu eNhlangano Kazwelonke Yomasipala (SALGA) KwaZulu-Natal ngesikhathi ibamba i-Provincial Members Assembly. Lo mhlangano uphothulwe ngesandla esihle sokunikela ngezinto zokuhlanzeka esikoleni iTinley Manor Primary School, ngenhloso yokuletha ithemba nokugcina isithunzi kubafundi. Lokhu kwenziwe ngokubambisana neSanlam kanye neLiberty, okuvezile ukubumbana ekuphakamiseni imiphakathi.

Usuku lokuqala lomhlangano luqale ngokwamukelwa ngezandla ezifudumele nguMeya waKwaDukuza, uKhansela S’duduzo Gumede. Uthe bubalulekile Ubunye, ukusungula izinto ezintsha kanye nezixazululo ezisimeme ekuthuthukiseni uhulumeni wendawo, kanye nasekuphuculeni izinsizakalo zomphakathi. Ubuye wagcizelela umlando ocebile wakuleli dolobha njengenhlonipho enkulu  yeNkosi uShaka kaSenzangakhona, kanye neNobel Peace Prize laureate, uNkosi Albert Luthuli. 

UMengameli weSALGA, uKhansela Bheki Stofile, uthekelele amazwi kaGumede egcizelela amandla oMasipala baseKwaZulu-Natal kanye nendima yabo enkulu kwezokuphatha. Uqhathanise uMasipala nophethekasine onemilenze emithathu oxhaswa ikomidi, abantu kanye nenqubomgomo, wagcizelela ukuthi ukuphatha okuqinile ezingeni likazwelonke kwenza kube lula ukuthi Umasipala uphendule kahle ezidingweni zomphakathi. UStofile uphinde wagqamisa ukubuyekezwa kwe-White Paper on Local Government, wakubiza njengomzamo omkhulu wokuguqula izinqubomgomo zibe yizenzo.

UMphathisihlalo weCoGTA, uDokotela Namane, wethule umbono ojulile, ecacisa ngohlelo lwezomthetho nezomgomo oluqondisa ukuthuthukiswa koMasipala. Ucaphune isigaba 153 soMthethosisekelo, esiyala uMasipala ukuthi abeke phambili izidingo zomphakathi ezisisekelo futhi akhuthaze intuthuko yezenhlalakahle ngokuphatha kahle, ukuhlela kanye nokusebenzisa kahle izimali.