Intatheli yeSivubela Intuthuko
Kube yinjabulo enkulu emphakathini wakwaSonkombo nowaseMatholamnyama, eNdwedwe, ngesikhathi iMeya yesifunda iLembe, uKhansela Thobani Shandu, eqinisekisa ukugcwaliseka kwesethembiso sokufakela imizi ompompi emagcekeni. Lokhu kuza ngesikhathi izindawo eziningi ngaphansi kwaloMasipala zibhekene nezinselelo ezinkulu zokutholakala kwamanzi.
Lolu hlelo lokuhlinzeka ngamanzi luhlose ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi esezindaweni zasemakhaya inothando lokuphila impilo engcono, iphuze amanzi aphephile, futhi kube lula ukwenza imisebenzi yasemakhaya ngaphandle kokuhamba amabanga amade ukuyolanda amanzi.
UMeya uShandu uchaze ukuthi eMatholamnyama imizi engu-367 izosebenzisa lezi zinsiza, okusho ukuthi abantu abangaphezu kuka-2 600 bazoba namanzi emakhaya abo ngaphansi kwamawadi amathathu eNdwedwe nokungo wadi-10, 11 no-12. Ezinye izindawo ezizuzayo zifaka uSonkombo, lapho imizi engu-2 383 nayo izohlinzekwa, okusho abantu abangaphezu kuka-19 000 abazohlomula.
“Ukuba nompompi ekhaya kusho ukuphila impilo engcono, akukho ukuhlupheka nokuhamba amakhilomitha amade ngenxa yamanzi, izingane zizokwazi ukugxila ezifundweni, izifo ezihlobene nokungabi namanzi ahlanzekile zizokwehla, futhi imindeni izophila ngcono,” kusho uShandu.
Ngaphezu kokuletha amanzi, lolu hlelo luphinde lwakha amathuba emisebenzi emphakathini, lapho abantu abangama-71 bendawo beqashwe ngesikhathi kuphothulwa umsebenzi eMatholamnyama, kanti eSonkombo baqashwe abantu abangu-52. Lokhu kuqinisekisa ukuthi amanzi awulethi kuphela inhlanzeko kodwa futhi avuselele umnotho wendawo.
Izindleko zesigaba saseMatholamnyama zibalelwa ku-R26.8 million, kanti eSonkombo zingaphezu kuka-R41 million. Umsebenzi wokufaka amapayipi amasha wokuhambisa amanzi ezindaweni ezifana noGumbi, Ndondolo, Ntuli kanye neMatholamnyama usuqediwe futhi amanzi aseyaqhamuka.
“Umphakathi usuvele uqala ukubona izinguquko. Lokhu akusizi kuphela ngezinsuku zanamuhla lapho sibhekene nokuntuleka kwamanzi, kodwa kuzohlala kuyinzuzo yesikhathi eside emiphakathini yethu,” kuphetha uShandu.
