IMeya kaMasipala wesifunda iLembe, ukhansela Thobani Shandu kanye nePhini leMeya uGabangani Van Whye, uSomlomo uDolly Shandu, iPhini leMeya kaMasipala waseMandeni uBhekithemba Magwaza, uSomlomo uPhindile Sishi kanye namalungu omkhandlu kamasipala wesifunda iLembe kanye noMaspala waseMandeni bethule ukwakhiwa kwamathoyilethi eWindowfield yaseStendeni, eStendeni namuhla. Loluhlelo luzohlomula imindeni engu-950 ku-ward 17, 2, 8, 11, 16, no-18.
Lo msebenzi usuphumelele ngenxa yomhlangano we-Integrated Development Plan (IDP) obubanjelwe eMsunduzi Sports Field ngomhla zingama-23 kuMbasa wezi-2025 nokuhlanganiswa kwewadi yanamuhla ehlomulayo lapho amalungu amaningi omphakathi eveze udaba mayelana nesidingo sezindlu zangasese ezinobuntu emphakathini. “Kuhlelelwe u-R8,5 Million ukuze kuhlomule imindeni engu-450 engaphansi kwezigceme zakwaSthebe, kanti enye ingxenye yezindlu zangasese ezingu-900 izokwakhelwa imizi eku-ward 2 naku-ward 8 eMandeni kanti lo msebenzi unesabelo sawo sika-R10 Million.” – IMeya uThobani Shandu
Le phrojekthi ihlelelwe ukuhlomulisa amabhizinisi endawo kanye namathuba omsebenzi kubahlali bendawo futhi kugcizelelwe kakhulu ukuqashwa kwabesifazane. “Singuhulumeni okhathalelayo futhi osabela ngokushesha ezidingweni zokulethwa kwezidingo zomphakathi futhi ukwethulwa kwalolu hlelo namuhla kuyinkomba yalokho.” – IMeya yesifunda iLembe uThobani Shandu.
