Intatheli yeSivubela Intuthuko
Njengengxenye yeNyanga yamaGugu, iMeya yaKwaDukuza, uKhansela Lindile Nhaca, uhambise inkomo emphakathini waKwaNodunga kuWard 27 njengesibonakaliso sokubonga Inkosi Nkanyiso Zulu. Lesi senzo sihambisana nemizamo eqhubekayo kahulumeni yokuqinisa ubudlelwano nabaholi bendabuko. Lenkomo eyisethulo izoba yingxenye esemqoka emgubhweni ozayo woMkhosi weLembe, osingethwe nguMasipala waKwaDukuza ngoSuku lwamaGugu.
UMkhosi weLembe uzogujwa ngoSeptemba 24, okuwusuku okwakhothama ngalo iSilo uShaka kaSenzangakhona. UMkhosi weLembe ugujwa ngenhloso yokukhumbula uNodumehlezi kaMenzi owabusa isizwe sikaZulu iminyaka ewu-12 phakathi kuka-1816 kuya ku-1828 okuwunyaka akhothama ngawo.
Ikhuluma nomphakathi waKwaNodunga, iMeya uNhaca iphinde yakugcizelela ukuzibophezela kwayo ekusebenzisaneni kakhulu nabaholi bendabuko futhi yaqhakambisa imicimbi emibili esemqoka eholwa yiSilo Samabandla, iNkosi uMisuzulu KaZwelithini, kule nyanga okubalwa Umkhosi Womhlanga kanye noMkhosi weLembe.
“NjengoMasipala waKwaDukuza, sisabela ikhwelo elishaywe uMengameli wezwe njengoba eqhubeka nokusikhuthaza ukuthi siqilise ubudlelwano bethu nemiphakathi yobuholi yendabuko.
Siyabonga ukwesekwa ngabaholi bendabuko bendawo ekulungiseleleni izintombi zethu eziya eMkhosini Womhlanga nasekwamukeleni uNgangezwelakhe KwaDukuza ngalenyanga yamagugu. Silwela ukugqugquzela ubudlelwano obuhle njalo nabaholi bendabuko ngenhloso yokubuyisela isithunzi nokufeza amaphupho nezifiso zabantu bakithi,” kusho uKhansela Nhaca.