MAGAYE CELE
BAMAGANGE abasiki bengqephu baseThekwini abazokuba yingxenye embukisweni wengqephu ozobe udida unwabu.
Lo mbukiso obakhona minyaka yonke uzoqala ngoLwesithathu uze uphothulwe ngoLwesihlanu ntambama.
Kulindeleke ukuthi ubanjelwe eThe Station edolobheni eThekwini.
Lona kuzokube kungunyaka ka-13 lo mbukiso ubakhona.
Leli kubadiki bengqephu abasathuthuka kuvamise ukuthi kube yingqayizivele yethuba abalisebenzisela ukuthi batshengise ngemisebenzi yabo yezandla.
UZamani Gabela naye ozobe ekhona kwabazokhangisa uthe kuyithuba elihle kakhulu kubona leli.
Wathi yingakho nje kumqoka kakhulu ukuthi balibambe ngezandla zombili.
“Siyalibonga kakhulu leli thuba ngoba kithina likhulu. Okumqoka nje ukuthi sikwazi ukuthi silisebenzise ngendlela efanele ukuze sizohlomula,” usho kanje.
Nksz Nokwazi Mkhize weTaylor Made uthe bayalibonga kakhulu leli thuba abalitholayo minyaka yonke.
Uthe akukho nokuncane nje ukungabaza kubona mayelana nokuthi lolu hlelo luyabalekelela kakhulu bona njengabasiki bengqephu.
Uthe ufisa ukuthi zande izinhlelo lapho abanikezwa khona ithuba lokuba bakhangise ngomsebenzi wabo wezandla.
Ugcizelele kakhulu ukuthi bantu abasha abanentshisekelo yokuba bangene kulo mkhakha mananganimadolonzima ukwenza kanjalo.
“Iqiniso ukuthi singakwazi ukuthi siyiphilise imindeni yethu ngalo msebenzi,” echaza.
UMasipala weTheku uhlezi ukugcizelela kakhulu ukubaluleka kwalolu hlelo.