Liphezulu izinga nomdlandla womutelebhelo we iLembe ngokubambisana nabo bonke oMasipala abane esifundeni kanye nomnyango wezeMidlalo, KwaZulu-Natal kanye namalunga ekomiti lomtelebhelo obuseNtabeni iKhenane kuMasipala waseNdwedwe.

ube yimpumelelo njengoba amalungu omphakathi waseNdwedwe aphume ngobuningi ukuzokweseka umbukiso wamahhashi kanjalo namakhansela kaMasipala wesiFunda iLembe kanye noMasipala waseNdwedwe. Abagijimi abahlukene bamahhashi abaqhamuka eThekwini, eMgungundlovu naseLembe batheleke eNdwedwe bezoqhudelana ngokuziqhenya ngamakhadi emijaho ehlukene yosuku.

Ilungu lekomiti lesiGungu esiphezulu kuMasipala wesiFunda iLembe uKhansela uBheka Dlamini uthule inkulumo yosuku eveza ukuthi njengoba lo mbukiso bewungowokuqala wamahhashi kuMasipala wesifunda iLembe, lolu hlelo lube yimpumelelo futhi lunamandla amakhulu okukhulisa ezobuciko nomnotho wesifunda, ngakho-ke uMasipala wesiFunda uzoqinisekisa ukuthi nomjaho olandelayo uba impumelelo. Umasipala uqinisekisa ukuthi lolu hlelo luyaqhubeka nokukhula ngokwesekwa.Uqhube wathi “sithanda ukubonga zonke izinhlaka ezizimele, oMasipala basekhaya abangaphansi kwesiFunda, bonke abanikazi bamahhashi abasuka kude kanye neNkosi yendawo ngokwenza lolu hlelo lube yimpumelelo.

Abaphumelele amakhadi omjaho ngabalandelayo:

Ladies Race Card Winners:

1 Shayizandla

Grade 4 Race Card Winners:

1 Abantu Abakholwa

Grade 5 Race Card Winners:

1 Zigizendonda

Grade 6 Race Card Winners:

1 Sulinyembezi

Grade 4 Main Race Card Winners:

1 Abantu Abakholwa