INKAKHA yebhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika eseyawaphanyeka emgibeni amakhokho iphosela inselelo abagadli bakuleli ukuba benze kangcono.
Loyo nguSiyabonga Bhele Nomvethe ngokudabuka ongowaKwaMashu nobalwa nabanye babagadli abazakhela igama elikhulu ebholeni likanobhutshuzwayo lakuleli.
UBhele waqala ukuduma egijima kwi-African Wanders yaseThekwini.
Ngemuva kwalokho wadlulela kwiKaizer Chiefs ngaphambi kokuba awelele phesheya kwezilwandle lapho afika khona wajoyina i-Udinese yasesigabeni esiphezulu samaNtaliyane iSeria A.
“Kungaba yinto enhle kakhulu ukubona abagadli bethu benza kangcono kakhulu kunalokhu abakwenzayo njengamanje. Kodwa iqiniso ukuthi sinabo abagadli beqophelo eliphezulu lapha eNingizimuAfrika,” kusho uBhele owabuye wathi qu kwi-Aolbok BK yaseSweden.
UBhele uthi ukholwa ukuthi uma abagadli bakuleli bangase bazimisele kakhulu singakhula nesibalo samagoli abonakala eqhululwa kwiDSTV Premiership minyaka yonke.
“Konke kuncike kubona ukuthi bafuna ukuzuzani. Kodwa into emqoka kumgadli yikhono lokukwazi ukushaya igoli,” usho kanje.
UBhele esebuya phesheya uke wathi qu kwi-Orlando Pirates ngaphambi kokuba ajoyine iMoroka Swallows.
Ubeke amakhokho emgibeni esegijima oSuthwini nalapho ayegila khona izimanga eqhulula inqwaba yamagoli okuyinto eyathusa abalandeli abaningi bebhola likanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika.
UBhele ubalwa nabanye babagadli abamela iBafana Bafana ngendlela efanele.Wayekhona nango-2010 ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yeNdebe yoMhlaba eyayibanjelwe kuleli.
Ngaleso sikhathi iqembu lesizwe iBafana Bafana yayilolongwa ngu-Carlos Alberto Alberto waseBrazil ngokudabuka owayelekelelwa nguPito Jingles Mosimane osezakhele igama ebholeni likanobhutshuzwayo.
