Intatheli yephephandaba

Intsha yaKwaDukuza nasezindaweni ezakhele iSifunda iLembe ithole ithuba lokukhombisa amakhono ayo emqhudelwaneni iBuild It Stanger U13 Football & Netball Tournament.

Lo mqhudelwano, obuhlanganise ibhola lezinyawo kanye nelomqakiswano, unikeze intsha inkundla yokukhombisa ithalente, ukuzimisela nothando lwabo kwezemidlalo.

Lo mcimbi uhlelwe yiBuild It Stanger ngokubambisana noMasipala waKwaDukuza, uMnyango wezeMfundo kanye noMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, ngenhloso yokukhuthaza ukuthuthukiswa kwentsha, ukuhlonzwa kwamathalente kanye nokwandisa iqhaza lezingane kwezemidlalo.

IMeya yaKwaDukuza uKhansela Siduduzo Gumede, naye ubengomunye wabebethamele lemidlalo waphinde wadlulisa amazwi enkuthazo kwababambe iqhaza, egcizelela ukubaluleka kokuthi izingane zithole amathuba okukhula ngamakhono azo kwezemidlalo.

Abawinile bahlonishwe ngemiklomelo ngenxa yokwenza kahle kwabo enkundleni, kwathi abanye bathola ukuqashelwa ngokuzinikela nokubamba iqhaza kulo mqhudelwano.

Okunye okuhehe izibukeli kube wumdlalo wombukiso webhola lezinyawo lamantombazane, owenziwe njengengxenye yokugubha iNyanga Yabesifazane.

Lo mdlalo ubuyingxenye ebalulekile yokuqhakambisa amantombazane kwezemidlalo, kanye nokukhuthaza intsha yesifazane ukuthi ibambe iqhaza futhi ilandele amaphupho ayo kwezemidlalo.

Lo mqhudelwano ugcine uveze ukuthi iKwaDukuza neLembe kunenqwaba yamathalente asemancane adinga ukwesekwa, ukuqeqeshwa kanye namathuba aqhubekayo ukuze akhule abe yizihlabani zemidlalo zakusasa.